KULINDELEKE ukuba kume yonke into eGoli, namuhla njengoba amaciko emikhakha ehlukene ezobhikishela ukuphasiswa komthethosivivinyo, obizwa ngeCopyright Amendment Bill ka-1978.
Abasekhaleni lale mashi ngamalungu angaphansi komfelandawonye wezinhlangano zamaciko, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (CCIFSA) neSouth African United Cultural &Creative Industries Fedaration (SAUCCIF).
Sikhuluma esithangamini sabezindaba izolo, isihlabani somculi we-Afro pop, uYvonne Chaka Chaka, sithe uma bengasayina lo mthethosivivinyo nezichibiyelo zawo kungabe kuchaza ukuthi bayazicindezela kakhulu kunakuqala.
"Akukhona ukuthi asifuni ukusayina kodwa sithi kumengameli nakubantu abasemandleni abawubuke ngoba asifuni ukubuyela emuva kweminyaka elishumi. Asifuni izingane zethu ezifuna ukungena emkhakheni wezobuciko zihlangabezane nenkinga efanayo," kusho uYvonne.
Usihlalo weCopyright Coalition of South Africa, uChola Makgamathe, uthe lo mthethosivivinyo ususelwe emthethweni wase-USA. Uthe inkinga ngawo yisigaba esikhuluma ngeFair Use, esivumela nanoma wubani ukuthi asebenzise imisebenzi yamaciko akuleli ngaphandle kokucela imvumo nokuthola inkokhelo.
Imbongi yabantu, uMzwakhe Mbuli, ithe amaciko aphesheya uma kuphindwa imisebenzi ebambe iqhaza kuyo kwithelevishini nasemisakazweni, kusho ukungena kwemali kuwo.
"Ukube uJoe Mafela (wodumo lukaSdumo kwiS’gudi S'naysi) wayehlala phesheya kwezilwandle, wayengeke ashone engenamali. Uma imisebenzi iphindwa kaningi, kusho imali eningi oyitholayo."
UMbuli uthe amaciko awu-16 axoshwa kwiGenerations ngo-2014, okubalwa kuwo umufi uMenzi Ngubane, Sophie Ndaba, Winnie Ntshaba, Anga Makubalo, Atandwa Kani, Katlego Danke, Nambitha Mpumlwana, Patrick Shai, Slindile Nodangala, Zenande Mfenyana, Zikhona Sodlaka nabanye, axoshelwa ukulwela ukungaholi uma kuphindwa umdlalo kwezinye iziteshi.
"Njengoba nibuka iGenerations, iyabukwa nakwezinye izindawo. Ishonaphi imali yama-royalties alapho?" kuphetha uMbuli.
Isolezwe lithole ukuthi lo mthethosivivinyo ka-1978, waphasiswa yiPhalamende sewunezichibiyelo ngoSepthemba 2022, maqede wadluliselwa kuMkhandlu weziFundazwe emuva kokuba iBrand SA ikhalaze eNkantolo eNkulu yaseGauteng, lapho kwatholakala khona ukuthi uphambene noMthethosisekelo wamanje.
Imashi yamaciko izosukela eMary Fitzgerald Square eNewtown, kusukela ngo-8 ekuseni.