OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, angase athathelwe izinyathelo zomthetho futhi angaphinde agibele ibhanoyi lakwa-FlySafair emuva kwesigameko abandakanyeka kuso.
Ngempelasonto, kusabalale i-video ebikhombisa uNgizwe nabehamba nabo bekhuza izaga futhi besho namahubo besebhanoyini esikhumulweni samabhanoyi saseThekwini, i-King Shaka International Airport.
Oyisikhulu sezokuxhumana kwa-FlySafair, uKirby Gordon, ukuqinisekisile ukuthi abasebenzi bale nkampani bahlangabezane nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili ebhanoyini i-FA196, ngesikhathi kuneqeqebana ebeliphazamisa abagibeli. Uthe iqeqebana liphinde lephula imithetho yokuphepha, okubalwa nokwehluleka ukuhlonipha izimpawu zokugqokwa kwebhande lokuphepha.
“Abephiko lwezokuphepha njengamanje baphothula ukubuyekeza ngesigameko. Izinyathelo ezifanele zizothathwa ngokwenqubomgomo yethu, okubalwa nokuvala abantu ababandakanyekayo ngokuzayo emabhanoyini akwa-FlySAfair,” kuphetha uGordon.
Umhleli walolu hambo ebelibuya kwiBhinca Day eNyuvesi yase-Cape Peninsula, uSthembiso “Navigator” Gcwensa, udlulise ukuphoxeka okukhulu ngalesi sigameko esibandakanya izihambeli zakhe futhi wasigxeka kakhulu.
“Ngesikhathi sesibuyela eKZN, abathize bahlulekile ukulandela imithetho yebhanoyi le-FlySafair. Thina njengenhlangano iBhinca Day, sidlulisa ukuxolisa kubobonke abahlukumezeka, ikakhulukazi abenkampani i-FlySafair namakhasimende ayo. Siyaxolisa emphakathini wonkana futhi siyaqinisekisa ukuthi sizothatha izinyathelo ezinqala ukuvika ukuziphatha ngale ndlela ukuba kungaphinde kwenzeke,” kusho uNavigator.
Eziphendulela, uNgizwe uthe abantu abafanele ukuxolisa ngabanikazi be-FlySafair ngoba bona babekhuleka kwiLembe ngoba indiza yayisimile.
“Nalesi siphukuphuku esinguNavigator sasingekho endizeni. Uyazifaka ezintweni ayengekho kuzo. Uxoliselani? Uxolisela ukuthandaza?” kubhoka ngolaka uNgizwe ozishaya isifuba ngokuba wumengameli wamabhinca owagcotshwa yiSilo SamaBandla.
Akukhona okokuqala uNgizwe exabana nabantu esikhumulweni sendiza. Wake wamangalela abaphathi balesi sikhumulo efuna ukunxeshezelwa ngo-R10 million emuva kokubasola ngokulaxaza phansi ihawu lakhe ngoba belisola ngokuba namatele.