UFUNA ukushintsha impilo yabaculi bakamaskandi abahlukene nabasafufusa umdidiyeli wohlelo iKings of Maskandi, olubuya nesizini yesibili kuMzansi Magic(161) kusuka ngoJulayi 2.
Ukhulekani Khumalo odume ngeleNkunzemnyama emkhakheni kamaskandi, uthe kule sizini kuzoqhubeka ukubonakala kwabaculi beveza impilo yabo nohambo lwabo emculweni.
Kule sizini uthe komaskanda abasha abazobonakala kukhona uMphuphe noMagazi baseMthwalume no-Idlaliphuthuma waseNewcastle.
Kwababuyayo kubalwa uBahubhe, Abafana BakaMgqumeni noKhulekani Shongwe.
“Kuyajabulisa ukubuya kwalolu hlelo, ngoba ngalo sizoqhakambisa amakhono abaculi bakamaskandi abangaziwa nabanye asebezakhele igama emphakathini. Kule sizini entsha bonke abaculi bazoqhubeka nokusivezela impilo abayiphila nsuku zonke nemindeni yabo, baphinde basivezele uhambo lwabo endimeni yomculo abakuyo nokuthi bangene kanjani kuwo,” kusho uNkunzemnyama.
Uthe okubalulekile ngezinhlelo zalolu hlobo ukuthi ziveza amakhono abaculi nokwenza kushintshe impilo yabo.
“Ngesizini edlule sabona abaculi abathathu ababevela beqophisana emncintiswaneni wengoma, mina ngavela khona ngiphethe uhlelo. Lokho kwenza ikhono lalaba baculi lagqama futhi abanye baziwa abantu abahlukene. Nakulokhu kuzoba khona isiqephu abazoncintisana kuso futhi ababukeli ngiyabathembisa bazobona into yamehlo kuso,” kuchaza yena.
Uthe ngeke asho ukuthi imuphi umculi ohambe phambili emncintiswaneni walo nyaka, ngoba ufuna abantu bazijabulele zonke iziqephu zohlelo ezingu-13.
Uveze ukuthi naye ngeke aze abonakale nje kuphela ephatha uhlelo emcimbini, kodwa kuzogqama impilo yakhe nomndeni wakhe nokuthi ungene kanjani kumaskandi, njengoba ezakhele udumo emsakazweni.