KUQHILIKA izihlathi kwabe-Orlando Pirates kulandela ukuvela kwezindaba eziqinisekisa ukwelulama ngokugcwele kwesithandwa sabalandeli baleli qembu, uThabo “Section 10” Qalinge.
Ubesehlale izinyanga ezimbili engalithinti ibhola ngenxa yenyonga ebimthwalise kanzima.
I-Pirates ikuqinisekisile ukuthi uQalinge, obengomunye wabadlali abebevutha bengabaselwe ngasekuqaleni kwesizini, useziqeqesha ngokugcwele nabanye abadlali.
Eqinisweni uQalinge ubengadlala kodlule wePirates neBaroka FC ngeledlule kodwa ithimba labaqeqeshi laqoma ukumthukusa.
“Kuhlale njalo kuyizindaba ezimnandi ukubuya komdlali okade elimele.
Kithina lokhu kusho ukuthi kuvuleka ithuba lokuzama konke esicabanga ukuthi kungayisa phambili iqembu.
Laba badlali ababuyayo balimale belisiza kakhulu iqembu.
“Esingakuthandazela nje ukuthi lesi sikhathi abasihlale nodokotela sibenze bakhushukelwa umfutho, okusho ukuthi bazobuya baqhubeke lapho begcine khona,” kusho umqeqeshi uMIilutin Sredojevic.
Selokhu alimala uSredojevic ubechibiyela ngalokho anakho.
Imbangela yalokhu ukuthi kulimale uQalinge nje noThembinkosi Lorch ubengadlali ngenxa yakho ukulimala.
Ezimnandi nokho kuSredojevic nethimba lakhe labaqeqeshi ukuthi naye uLorch sekusele kancane kakhulu ukuthi abuye abonakale enkundleni. Nakuba kunjalo kodwa laba badlali ababuyayo bazophambana nabanye ababili abasanda kulimala.
UNtsikelelo Nyauza odlala emuva nomgadli waseGhana uBernard Morrison basazohlala bebhekwe ngelokhozi ngodokotela beBucs.
Ngokwesitatimende esikhishwe iPirates, uLorch usekhululiwe ukuba aqale ukuziqeqesha nozakwabo ngoba useqalile ukhombisa izimpawu zokubuyela esimeni. Nakuba iPirates ingaphumelanga obala ngokuthi uzobuya nini enkundleni uLorch kodwa ithe sekuseduze kakhulu.
I-Pirates iwuqale kahle unyaka omusha inenebula iBaroka FC ngo 3-1 e-Orlando Stadium.
Okungacaci ukuthi uzowuqala yini uQalinge oweMamelodi Sundowns abadlala nayo ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama eLoftus Stadium, ePitoli.