UKAPUTENI oyinjini yasesiswini kwiNjampela FC, uSbongimpilo “Gattuso” Buthelezi, ukholwa wukuthi bazokwazi ukuyivikela ngempumelelo i-KZN Primo Cup ekhuza ibuya ihlandla lesibili kulo nyaka..
INjampela yakwaNongoma ebimele iKwaZulu-Natal kumaPlay-Offs kazwelonke eSafa ABC Motsepe League ngesizini edlule ka-2023/24 e-Upington, eNorthern Cape, iyona eyakhangula iPrimo Cup iguqisa iDrakensberg FC kowamanqamu ngo-2023.
Lo mqhudelwano womkhumulajezi odlalelwa ngamaqembu aKwaZulu-Natal adlala kwi-ABC Motsepe League, usungulwe ngo-2023 yiSouth African Football Association (Safa) KZN ngokubambisana nenkampani edayisa izingubo zokudlala, iPrimo Sportswear, okuyiyona engabaxhasi balo mqhudelwano.
“Njengoba sesivele siqalile nje ukuziqeqesha, silungiselela yona iPrimo Cup esizimisele kakhulu ngokuyiwina, sivikele isicoco sethu.
Ngikholwa wukuthi ukwenza kahle kwethu kulo mqhudelwano kungaba nomthelela omuhle ekwenyuseni ukukhuthala kithina uma sesibuyela emidlalweni yeligi ngoFebhuwari,” kusho uButhelezi.
INjampela, esiqeqeshwa nguTshegofatso Mashego othathe izintambo zokuqeqesha kuTshepo Motsoeneng ekuqaleni kwale sizini, izodlala kwiPrimo Cup nje, ngoSepthemba imangaze abaningi idla umhlanganiso kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup oLundi, ngokuguqisa iRichards Bay FC edlala kwiBetway Premiership ngo 4-3 kumaphenathi.
“Ukunqoba kwethu iLegacy Cup kube yisikhuthazi kithina ngaphambi kokuqala kwesizini njengoba inhloso yethu nakule sizini kuwukubuyela kumaPlay-Offs kazwelonke eMotsepe League.
Sifunde lukhulu kumaPlay-Offs angesizini edlule eNorthern Cape nakuba singaphumelelanga. Yingakho sizimisele kakhulu nakule sizini ukuthi silwele ukubuyela kuwona ngoba sizobe sesikwazi okumele sikulindele. Iqembu lethu alishintshanga kakhulu yize kunabadlali abambalwa abahambile bethola amadlelo emaqenjini eMotsepe Foundation Championship. Futhi-ke nomqeqeshi esinaye, uTshegofatso Mashego, sesiyibambile indlela yakhe afuna sidlale ngayo.”
INjampela kuyiwe ekhefini lamaholidi kaKhisimusi noNcibijane izihola phambili kwi-log kaStream A weKZN Motsepe League. NgoFebhuwari 1, amaqembu adlala kulesi sigaba azoqala umzuliswano wesibili.