OWAYEDLALELA iqembu lesizwe lekhilikithi, amaProteas, uMonde Zondeki, ubona ukukhuphuka kwezinga lomqhudelwano we-T20 wakuleli, iBetway SA20, kunomthelela omuhle ekuthuthukiseni abadlali.
Lo mqhudelwano osike iphethini emiqhudelwaneni emikhulu yeT20 efana ne-Indian Premier League (IPL), udlalwa okwesithathu kulo nyaka njengoba wasungulwa ngo-2023.
Amaqembu ayisithupha abanga isicoco ahlanganise abadlali abahamba phambili abaqhamuka kwamanye amazwe, abadlalela iqembu lesizwe lakuleli nabasebancane abagqame kweminye imiqhudelwano yasekhaya.
“IBetway SA 20 ilivuselele isasasa lekhilikithi kuleli. Kuyabasiza abadlali bethu abasebancane ukudlala nalaba abahamba phambili emhlabeni. Umqhudelwano ukhula minyaka yonke,” kusho uZondeki
“Ukubona abadlali abafana noJoe Root, Kane Williamson, Devon Conway, Dinesh Karthik nabanye abasezingeni eliphezulu bedlala kuleli kuyinkomba yokuthi usuthuthuke kangakanani lo mqhudelwano.
Yize lo mqhudelwano ukhula futhi nabalandeli bezigcwalisa izinkundla kodwa bakhona asebephawule ngokukhathazeka ngesibalo esincane sabadlali abamnyama abadlala njalo emaqenjini abo.
Kwabamnyama asebebonakalile kule sizini kubalwa u-Andile Simelane weSunrisers Eastern Cape, Kagiso Rabada weMI Cape Town, Andile Phehlukwayo noKwena Maphaka bePaarl Royals, Junior Dala weDurban’s Super Giants noLutho Sipamla weJoburg Super Kings nabanye.
UZondeki ukholwa wukuthi bonke abadlali kumele balilwele ijezi. Nokho, uphinde waphonsela inselelo inhlangano ephethe ikhilikithi kuleli, iCricket South Africa, wathi ayiqhubeke nokukhiqiza abadlali abamnyama abakulungele ukudlala ezingeni eliphezulu.
“Abanikazi bamaqembu nabaqeqeshi bafuna ukubona iqembu eliqinile abangalisebenzisa enkundleni. Izinto zenzeka kanjalo kwezemidlalo ezikhokhelwayo. Wonke umuntu kumele aziphendlele indawo eqenjini,” kusho uZondeki.
“Kuyiqiniso ukuthi kusekuningi okumele kwenziwe mayelana nokuthuthukiswa kwabadlali abaningi abamnyama ukuze bathole amathuba okwenza imali, bagcine sebemele izwe.”
UZondeki, owadlalela amaProteas kusukela ngo-2002 kwaze kwaba ngu-2008, uyingxenye yabasakaza imidlalo ngolimi lwesiXhosa esiteshini sethelevishini iSuperSport.
“Ngayeka ukudlala ngisaneminyaka engu-30. Udokotela wangeluleka ngokuthi angivele ngithathe umhlalaphansi ukuze ngingabi nezinkinga ezingaphezulu uma sengimdala,” uqhube kanje uZondeki.
“Kwaqala kwaba nzima ukuqala uhambo olusha empilweni yami. Ngazama ukuqeqesha kodwa ngangingaholi, kwase kufika ithuba lokusakaza. Kwakungelula ekuqaleni kodwa ngijabule kakhulu ngezinga engikulona manje.
“Ukusebenza nabantu abafana nenkakha yamaProteas, uMakhaya (Ntini) kusho lukhulu. Kuyangijabulisa ukuthi ngiseyingxenye yalo mdlalo engiwuthandayo. Abalandeli bekhilikithi nabo bakhombisa ukuthokozela ukuzwa ikhilikithi isakazwa ngolimi lwabo,” uphethe kanje.
Amaqembu asahamba phambili kwiBetway SA20 asethubeni lokudlulela kweyomkhumulajezi yiPaarl Royals, MI Cape Town, Joburg Super Kings neSunrisers Eastern Cape.