XOLILE MPISANE
SIZOYIVUNA iMamelodi Sundowns isinqumo seConfederation of African Football (Caf) sokuvumela abadlali asebedlalele iqembu elihlukile ukuthi babhaliswe ngelinye ngesizini efanayo.
Le nhlangano eyengamele ibhola kuleli e-Afrika, ngoLwesihlanu idalule isinqumo sokuthi amaqembu asengababhalisa abadlali abazodlala kwiCaf Champions League nakwiCaf Confederation Cup, noma ngabe sebedlalile komunye wale miqhudelwano kuyona le sizini.
Yomibili isidlulele esigabeni somkhumulajezi kodwa amaqembu awakazi ukuthi azobhekana nobani njengoba engakaqhathwa.
“Ngokushintsha le mithetho yokubhaliswa kwabadlali, imithetho yeCaf Champions League neyeCaf Confederation Cup isifana neye-UEFA Champions League ne-UEFA Europa League,” sifundeka isitatimende esikhishwe yiCaf.
“Ukuchitshiyelwa kwale mithetho kuzoba nomthelela ekutheni iCaf Champions League kanye neCaf Confederation Cup ibe nesasasa kubathandi bebhola, ababukela kumabonakude nakubaxhasi e-Afrika nasemhlabeni jikelele.
“Lezi zinguquko zingase futhi zithuthukise izinga lamaqembu ebhola ase-Afrika azobamba iqhaza kwiFIFA Club World Cup ezoba se-United States ngoJuni kuya kuJulayi.”
ICaf iphinde yamemezela ukuthi amaqembu azokwazi ukubhalisa abadlali abasha kuze kushaye uFebhuwari 28.
IMamelodi Sundowns, esanda kusayinisa uJayden Adams obegijima kwiStellenbosch FC, isingakwazi ukumbhalisa lo mdlali ukuze imsebenzise kuma-quarterfinal eChampions League.
Lo mdlali ubeselahle imidlalo eyisishiyagalolunye kwiConfederation Cup neStellies, washaya igoli elilodwa eyisiza ukuthi idlulele kuma-quarterfinal. Akukho osekuzomvimba ekutheni aphinde adlale kuChampions League kule sizini.
IStellies yona isayinise uLesiba Nku, imthatha kwiSundowns, kodwa ubengakawadlaleli amaBrazilian kwiChampions League kule sizini.
Elinye iqembu lakuleli eliyingxenye yeChampions League, i-Orlando Pirates, ngeke lithinteke ngoba alikasayinisi badlali abasha.
Khonamanjalo: ISundowns isizogxila emdlalweni wayo ozayo weBetway Premiership lapho izobe ibheke khona ukwandisa igebe.
AmaBrazilian asesicongweni ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-12. Azobhekana neLamontville Golden Arrows eLucas Moripe Stadium kusasa ngo-5.45 ntambama. ISundowns ishaye iMagesi FC ngo 2-1 emdlalweni wayo wokugcina weligi.
Abafana Bes’thende basendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-13. Bazobe befuna ukuzinza kwi-Top 8 kulandela ukubambana ngo 1-1 neTS Galaxy emdlalweni wabo weligi wakamuva.