USEQALILE ukuthungatha iqembu elisha umdlali weSekhukhune United, uSibusiso Vilakazi, osekuqinisekisiwe ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe ekupheleni kwenyanga.
UVilakazi (34) usayine kwiBabina Nokho maphakathi nesizini ka-2022/2023 emuva kokwehlukana neTS Galaxy kulandela ukungahoshelani nomqeqeshi uSead Ramovic.
Nokho uthwale kanzima ekutholeni isikimu ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene kwiSekhukhune. UVilakazi udlale imidlalo engu-13 kuphela kuleli qembu okungeyeDStv Premiership eyisishiyagalombili, emithathu yeCaf Confederation noweMTN8.
UVilakazi, owaqokwa njengomdlali ovelele kwiPremiership ngo-2014 esadlala kwiBidvest Wits, ukuqinisekisile ukuthi useqalile ukubheka iqembu azodlala kulona ngesizini ka-2024/2025.
“Akekho ongithintile kwiSekhukhune mayelana nenkontileka entsha njengoba izophela ekupheleni kwenyanga. Lokho kusho ukuthi ngeke ivuselelwe. Ngiyabonga kwiSekhukhune ngethuba abanginike lona. Nakuba ngingasifakanga isandla empumelelweni yeqembu ngendlela ebengifisa ngayo, ikakhulukazi e-Afrika kodwa bengenza konke okusemandleni uma ngilithola ithuba. Bengihlala ngikubheke ngabomvu ukusiza iqembu. Uma ubheka indlela iqembu elenze kahle ngayo ekubeni lisanda kuyiqala indlela yase-Afrika, lokho kuyancomeka. Nakwiligi lenyukile uma uqhathanisa nesizini edlule,” kusho uVilakazi.
Udalule ukuthi ngesikhathi engadlali kwiSekhukhune, ubenza izifundo zokuqeqesha elungiselela ikusasa kwazise ayiseminingi iminyaka azoyichitha enkundleni. Uthe uzoqhubekela kwiCaf C Licence ngo-Agasti.
UVilakazi ngomunye wabadlali abambalwa kwiPremiership asebeziwine zonke izindebe ebholeni laseMzansi okukhona kuzona isicoco seligi asinqobe amahlandla ayisihlanu neMamelodi Sundowns.
“Uthando lokudlala ibhola luseluningi kakhulu. Ngilinde ithuba lapho ngizosebenzisa khona isipiliyoni sami eqenjini, ngisize nabanye abadlali futhi nami ngikhule. Ngiyakuqonda ukuthi iminyaka yami iyancipha enkundleni kodwa ngifuna ukuyivala ngegiya eliphezulu. Ngisazimisele ngokudlala,” kusho uVilakazi.