UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uVusumuzi Vilakazi, uthi imhlabe umxhwele indlela ezakhe ezikwaze ngayo ukushaya amagoli nokugwema ukungenelwa yiwo kungenasidingo kulandela ukubhaxabula iMaritzburg United ngo-2-0 koweDStv Premiership obuseHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu.
I-Arrows inqoba lo mdlalo nje ibisiqala ukubhinjelwa yizinto njengoba ibisishaywe imidlalo emibili ilandelana kanti ngakolunye uhlangothi ukushaywa kweMaritzburg kusho ukuqonga kwengcindezi yokuxoshwa kumqeqeshi, uJohn Maduka, okubukeka selimshonele ngenxa yokugqoza kwemiphumela.
Ukushaya amagoli amabili komgadli we-Arrows, uRyan Moon, kuthathwa njengokuqaqeka kwamafindo kuye njengoba ubesabhekwe yisambane selokhu kuqale le sizini engaliboniswa inethi emidlalweni engu-11 abeseyidlalile.
“Ibisisihluphe kakhulu le nto yokungenelwa ngamagoli kungenasidingo ngakho kuyangithokozisa ukungangenelwa kwethu yigoli kulo mdlalo.
Kule midlalo yakamuva esiyidlalile besiba phezulu ngomdlalo kunezitha zethu kodwa sihluleka ukushaya amagoli futhi sivuza nasemuva.
Kungijabulisile ukuthi kulo mdlalo sikwazile ukuvala emuva futhi neqhinga lethu lisebenzile njengoba besazi ukuthi (abeMaritzburg) bazodlala ngabagadli abathathu phambili, abane esiswini, nabathathu emuva bese sibahlasela sakubazuma.
URyan udlale kahle kakhulu, wasebenzisa amandla akhe (okugxuma angqomfe ibhola ngekhanda) futhi wahlala ephambi kwamapali okuyingakho ekwazile ukushaya la magoli awashayile,” kusho uVilakazi.
Ngakolunye uhlangothi, uMaduka ukhale esifanayo sokuhluleka kwezakhe ukubhakuzisa inethi.
“Uma ungashayi amagoli, nakanjani ngeke uyiwine imidlalo ngoba ukushaya igoli kwenza umehluko omkhulu emdlalweni.
Ukuya kwethu ekhefini (leNdebe yoMhlaba) kuzosinikeza ithuba lokulungiselela eminye imidlalo engu-17 esele yeligi esisazoyidlala, sikwazi ukulungisa amaphutha ethu, ikakhulukazi njengoba iningi labadlali bethu lisuka emaqenjini eFirst Division, belingakajwayeli kulesi sigaba.
Odongeni lwethu lwasemuva siba ngcono siphinde sibe namaphutha. Ngakho sisaqhubeka nokuyilungisa le nto yokuvuza kwethu emuva kanjalo futhi naphambili sisenenkinga yokushaya amagoli. Ngeshwa asisezukwazi njengamanje ukuthola umgadli,” kusho uMadika ozulelwa ngamanqe.
I-Team of Choice, emidlalweni emihlanu egcine ukuyidlala, ishaywe kathathu, yadlala ngokulingana kabili kanti emidlalweni emibili yokugcina ivuzise amagoli ayisikhombisa njengoba nangoLwesibili ixetshulwe ngo-5-0 yiMamelodi Sundowns.
Izobuyela ensimini ngemuva kwekhefu leNdebe yoMhlaba yeFifa, ngokubhekana neTS Galaxy ngoDisemba 30.
Kanti Abafana Bes’thende bazobuyela ensimini ngokubhekana neKaizer Chiefs ngoDisemba 31 ePrincess Magogo Stadium, eThekwini.