UFUNA anikwe ithuba elanele lokukhula ngaphambi kokuthi aqale imidlalo umdlali waseswisini osemncane, uMfundo Vilakazi, umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi.
UVilakazi (19) wafika kwinkulisa yaMakhosi ngo-2021, esuka eqenjini langakubo eSnake Park, eSoweto, iDoornkop Students.
Akuthathanga isikhathi ukuthi akhushulelwe eqenjini elidlala kwiDStv Diski Challenge, ngaphambi kokuthi asayine inkontileka neqembu elikhulu ngonyaka odlule.
Wafika kulona esevele eyisilomo ngenxa yomjiko namagoli okwabonakala edlala kwiDDC nasemqhudelwani obanjelwa eTembisa minyaka yonke, amaPhilly’s Games.
Udlale okokuqala esigabeni esiphezulu esuka ebhentshini ngesikhathi Amakhosi enqotshwa yiMilford FC kumaphenathi kwiNedbank Cup ngo-Ephreli nyakenye.
Kule sizini usebonakale emidlalweni engu-11 yeBetway Premiership, kodwa usaqale owodwa, bedlala neMagesi FC ngo-Okthoba 30. Kule midlalo usashaye igoli elilodwa, alithola kowokuvula isizini badlala neMarumo Gallants kodwa usebenesandla ekwakhiweni kwamanye amagoli.
Udlalile nasemidlalweni emibili yeCarling Knockout, esuka ebhentshini kuyona yomibili.
NgoLwesithathu ebusuku, ungene ngomzuzu ka-30 ngesikhathi benqoba iStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni weligi. Ube nesandla egolini lesibili likaWandile Duba njengoba kunguyena omphakele ibhola.
Ebuzwa ukuthi kungani ethanda ukumqalisa ebhentshini lo mdlali, uNabi uthe kusafanele aqine ngaphambi kokuthi akulungele ukuqala imidlalo eminingi.
“UVilakazi ungumdlali onekhono osuka kwinkulisa yeqembu. Uneminyaka engu-19 futhi umzimba wakhe awukaqini ngokwanele ukuthi aqale imidlalo ilandelana. Lokhu kuchaza ukuthi kufanele simvikele lo mdlali,” kusho uNabi.
“Sikholwa wukuthi le mizuzu ayitholayo iyona ezomnika ukuzethemba, umgqigqo, iphinde imqinise nasemzimbeni ukuze akulungele ukudlala isikhathi esithe xaxa.”
Emuva kokunqoba iStellies, Amakhosi anyukele endaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-12.
UNabi, ofike kuleli qembu ngaphambi kokuqala kwale sizini, uthe nakuba kusekuningi yena nethimba lakhe abafuna ukukulungisa kulona kodwa kukhona okuhle abakubonayo okubaqinisa idolo.
“Kukhona lapho sisemuva khona, ikakhulukazi ekubambeni umgqigqo imidlalo ilandelana kodwa liyakhuphuka izinga lokuxhumana phakathi kwethu nabadlali. Ngicabanga ukuthi ikhona inqubekela phambili,” usho kanje.
“Kuyiqiniso ukuthi asikafiki ezingeni esifuna ukuba kulona kodwa siyakwazi okufanele sikwenze ukuze iqembu liqhubeke nokuthuthuka. Uma ngibheka izinyanga ezinhlanu esizichithe neqembu ngingasho ukuthi kukhona okuhle, kodwa futhi usemningi umsebenzi okufanele siwenze.
“Isithembiso engingasenza kubalandeli wukuthi sizoqhubeka nokuzikhandla ukuze sibe neqembu elidlala ibhola eliseqophelweni eliphezulu.”
Amakhosi azobhekana neLamotville Golden Arrows emdlalweni olandelayo weligi ozoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.