AmaZulu FC (0) 1
Cape Town Spurs (1) 1
AmaZulu FC agcine ethole iphuzu ekhaya ngesikhathi ebambana ngo 1-1 neCape Town Spurs emdlalweni weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ebusuku.
Igoli leSpurs livalelwe phakathi nguLuke Baartman ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala, elokulinganisa laMaZulu lashaywa nguCelimpilo Ngema kwesesibili.
Usuthu belubheke ukunqoba okwesibili kulandelana kulandela ukunqoba iSekhukhune United ngo 1-0. I-Urban Warriors ibizama ukuvuka kulandela isibhaxu sika 3-0 egcine isithole kwiMamelodi Sundowns.
Emizuzwini engu-20 yokuqala bekubukeka sengathi abadlali bawo womabili amaqembu bebefisa ukuba semaholidini kodwa umdlalo uqalile ukufudumala maphakathi ngesiwombe sokuqala.
Iqembu lasekhaya yilona elicishe lahamba phambili ngomzuzu ka-26 ngesikhathi uRiaan Hanamub ethola uWayde Jooste ebhokisini, ishodi lakhe lavinjwa nguNeil Boshoff.
ISpurs nayo ithole ithuba elihle ngomzuzu ka-28 ngesikhathi uChumani Butsaka ethola ibhola engamakiwe ngakwesokunxele, ishodi lakhe lachithwa ngu-Olwethu Mzimela.
Lo nozinti cishe wamosha umsebenzi wakhe omuhle ngemuva kwemizuzu emibili ehluleka ukuxhimfa ibhola ebeliqhamuka kwikhona, wasizwa wukuthi uLubeni Haukongo ulibeke phezu kwepali ngekhanda.
Sekusele amanenjana kuphele isiwombe sokuqala, iqembu lika-Ernst Middendorp lazibeka phambili ngesikhathi uBaartman elingqofela phakathi kulandela ikhona kaSiyanda Msani.
Umqeqeshi woSuthu, uPablo Martin, wenze izinguquko ezintathu ngaphambi kokuqala kwesiwombe sesibili, efaka uRowan Human, Celimpilo Ngema no-Augustin Kwem ezindaweni zikaEthan Brooks, Tshepang Moremi noJunior Dion.
Nokho kube yizivakashi ezicishe zaphinde zabhakuzisa inethi, kodwa kulokhu uMzimela walichithela epalini ibhola, bamlekelela ozakwabo balikhipha ebhokisini sekukubi.
Usuthu lugcine lulitholile igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-79 ngesikhathi uNgema elinamathisela enethini ehamba yedwa kulandela ibhola abeliphakelwe nguMlondi Mbanjwa.
Iqembu likaMartin lizame konke okusemandleni ukuthola igoli lokunqoba emizuzwini yokugcina kodwa kwangalunga.
Lo mphumela ushiye Usuthu endaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-15. ISpurs isasemsileni ngamaphuzu amane emidlalweni engu-15.
AmaZulu asezobhekana neRoyal AM kolandelayo weligi ngoDisemba 29. ISpurs nayo Izosonga unyaka ngowomkhaya uma isidudulana neCape Town City ngoDisemba 31.