Stellenbosch FC (0) 0
Mamelodi Sundowns (1) 1
IMAMELODI Sundowns iziqhelise kwi-Orlando Pirates esicongweni seBetway Premiership kulandela ukunqoba kwayo kwiStellenbosch FC izolo ebusuku, e-DHL Stadium, eKapa.
Inkundla ivulwe u-Iqraam Rayners esiwombeni sokuqala ngegoli okugcine kuyilona lodwa lomdlalo.
Lo mphumela uphefumulise kangcono iSundowns esicongweni se-log njengoba esemathathu amaphuzu ayihlukanise ne-Orlando Pirates elele isibili.
Womabili la maqembu afike emdlalweni eshayela phezulu kwazise ngempelasonto edlule athole amawini awo okuqala kweyamaqoqo yeCaf Champions League neCaf Confederation Cup ngokwahlukana.
Ngaphambi komdlalo umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, ozwakalise ukuba nolwazi olunzulu ngobungozi beStellenbosch uthe: “Kuyajwayeleka kodwa asikho isikhathi sokunethezeka ngoba umsebenzi mningi kanti nemidlalo ilokhu ize njalo ngokwahlukana kwemiqhudelwano.”
Nakuba bekungacaci ukuthi iliphi iqembu eliwubambe kuqala umgqigqo womdlalo kodwa izivakashi yizona ezifike kuqala ezintini zikaSage Stephens obekhombisa izimpawu zokuphaphama ezintini zeStellies.
Akukho lo nozinti abengakwenza nokho ngomzuzu ka-18 lapho ezithole khona ebhekene emehlweni noRayners ongazange alenze iphutha ngokubeka iSundowns ebuhleni.
Injabulo yeSundowns isheshe yanqamuka nokho ngokulimala kukaMarcelo Allende okhishiwe indawo yakhe yathathwa uNeo Maema naye ophinde wakhishwa.
ISundowns iwehlisile umdlalo emuva kokungena kwaleli goli kwavela namathuba nhlangothi zombili koLucas Ribeiro noThabo Moloisane kodwa bobabili badlala ngomsebenzi.
Esiwombeni sesibili ayizange ishintshe indlela obuhamba ngayo kwesokuqala umdlalo kwazise bekuseyiSundowns ekhombisa izimpawu zobungozi ezintini zikaStephens.
IStellies ithole amathuba amabili ngoDe Jong noDevon Titus, sezibheke emzuzwini ka-60 kodwa bobabili bahluleka ukuwasebenzisa ngendlela.
La mathuba alandelwe izinguquko zeStellies okube sengathi ziyawuguqula umdlalo kwazise okuningi bese kungathi kuvuna iqembu lasekhaya.
NeSundowns iphendule ngokufaka uKutlwano Letlhaku noPeter Shalulile ezindaweni zoKobamelo Kodisang noRibeiro kodwa umdlalo uye ngokwehla kwaze kwaba uyaphela.