Umqeqeshi we-TS Galaxy, uSead Ramovic, ugadle kuRhulani Mokwena, ngokumgcona ngodaba lwesililo sabadlali beMamelodi Sundowns kulandela ukusabalala kwamahlebezi akhomba lo mqeqeshi waseSerbia, kwiRaja Casablanca eyizimbangi ezinkulu zeWydad Athletic Club.
Ngesizini edlule uRamovic noMokwena baphenduke inkukhu nempaka ebholeni lakuleli, bengcofana esidlangalaleni, besolana kwabezindaba ngezenzo zobuqili nokuziphakamisa.
Kunemibiko ekhomba ukuthi bangase baphinde bahlangane eMorocco lapho uMokwena esethole umsebenzi wokupheka iWydad.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi izimbangi zeWydad, iRaja sezigaqele uRamovic njengoba kungacaci ngoJosef Zinnbauer oyinqobise isicoco seligi ngesizini edlule.
UZinnbauer osekhonjwa okuyoqeqesha eSaudi Arabia, ubhale ekhasini lakhe lika-instagram ngempelasonto ethi usangumqeqeshi weRaja njengoba engakasithathi isinqumo ngekusasa lakhe.
URamovic ugcona uMokwena nje, ubekhuluma nabezindaba kulandela ukubambana kwezakhe ngo 2-2 neMbabane Swallows koweMpumalanga Premier’s Cup eMbombela Stadium.
“Angiboni kungaba umqondo omuhle ukushiya ikakhulukazi njengoba ngisanda kuzwa umngani wami uRhulani (Mokwena), ekhuluma emsakazweni ngobuhlungu abuzwiswe isililo sabadlali bakhe ngesikhathi ebatshela ukuthi uyahamba,” kusho uRamovic kwabezindaba.
“Kusuke kunzima uma kungasagcini ngabadlali kuphela ukukhala kepha uma sekungena nezingane namakhosikazi abo.
“Isililo ngokuhamba kukaRhulani sanele ngakho-ke angiboni kuzoba umqondo omuhle ukushiya iGalaxy kwazise kuzokhala izingane namakhosikazi abadlali,” kuqhuba yena.
Ebuzwa ngqo ngokuthi akhona yini amathuba okuthi aphinde abhekane noMokwena ukhombise izimpawu zokungakufaki ekhanda ukuthi ufunwa iRaja.
URamovic ukhuluma kanjena nje, umphathi weGalaxy, uTim Sukazi, akafihli ukuthi akanankinga nokumdedela uma ethola amadlelo aluhlaza.
“Akukho okubusa ingqondo yami ngaphandle kokuba umqeqeshi waleli qembu (iGalaxy) elihle elilokhu likhombisile ukuthi linendawo ebholeni lakuleli.
“Konke engikwenzayo ngikwenzela ukusiza iGalaxy ukuthi ilunge macala onke uma sekuqala isizini. Kuningi mina nabaphathi beGalaxy esisafuna ukuzuza ngaleli qembu.
“Sisafuna ukukuwina izinkomishi siphinde siqhubeke nokukhiqiza abadlali abagcina sebeyinyama emaqenjini athathwa njengamakhulu,” kuphetha uRamovic.
KwiPremier’s Cup eqhubeka eNelspruit kukhona neFC Augsburg edlala kwiGerman Bundesliga.