OWAQALA ukusubatha ngoba egqugquzela abantu abasha ukuthi bazithibe ezintweni ezingalungile uzogijima okwesibili koweComrades Marathon, nonyaka.
UNdlunkulu Lungelo Zulu (40), oshadele endlini yakwaNkombabantu, eNkonjeni uthi waqala ukugijima ngo-201. Uthi wayegqugquzelwa wuhlelo olwaluqhutshwa ebandleni i-eThekwini Community Church, lokukhuthaza abantu abasha ukuba bazithibe ezintweni ezingalimaza ikusasa labo.
Uthi emuva kohlelo waqala ukwenza imijaho emifishane kwathi ngo-2016 wangenela iSoweto Marathon, lapho enza isikhathi esingu-4:30.
Emuva kwalokhu akabange esabheka emuva kanti nomyeni wakhe ungumsubathi futhi uzobe egijima okwesi-11 kwiComrades nonyaka.
UNdlunkulu uveze ukuthi kwiComrades Marathon yakhe yokuqala ngo-2022, wenza isikhathi esiwu-10:30 wabuya nendondo ye-bronze kanti unethemba lokuthi isikhathi sizoba ngcono nonyaka.
Ngonyaka odlule wathola ukuthi ujime kwaze kweqa kwaze kwavaveka ithambo onyaweni kodwa waqhubeka wagijima noma kunjalo. Uthi kwamnika isibindi ukukhuleka kuNkulunkulu nokuthi akwazi ukuqeda.
UNdlunkulu uLungelo uzogijima edlubhe imibala ye-eThekwini Athletic Club, ayilungu layo. Uthe ukufunda, ukusebenza nomndeni uthe akufanele kube yinto evimbela abesifazane ukuba bajime ukuze babe nempilo engcono.
Njengoba eganele ebukhosini, uthe uyabonga kakhulu eNdlunkulu ngokuthi bamvumele ukuba aqhubeke nomdlalo awuthandayo wokusubatha yize engumalokazana osakotiza futhi okusalindeleke lukhulu kuyena.