UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, useveze ukuthi uyazi ukuthi uzakhele izitha ebholeni laseMzansi ngokukhuluma indaba yamaphuzu ecaleni elimayelana nokudlalisa uWayne Arendse.
Ngesonto eledlule iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi iSundowns ihlawuliswe imali ngecala lokudlalisa u-Arendse kungafanele ibhekene neBidvest Wits ecaleni obekubhekwe ukuthi iphucwe amaphuzu kulona.
UMosimane uyena oqale ukukhuluma ebuza ukuthi kungani iPSL ithatha isikhathi eside ukuqula icala labo nokukhipha isinqumo. Wathi kukhona abenzelelwayo, isicoco seligi asiye kubona ngoba vele yibona okufuneka basiwine. Ubekhala ngokuthi akazi noma bakhona yini embangweni wesicoco ngoba akazi banamaphuzu amangaki.
Lokhu kunyakazise iPSL, usihlalo u-Irvin Khoza wabiza abezindaba ezochaza ukuthi abahlangene nokuqulwa kwamacala kodwa isigungu esiqondisa ubugwegwe esibhekene nalo msebenzi ngokuzimela.
Ukungaphucwa amaphuzu akuwubuyisanga umdlandla kuMosimane emasontweni edlule othe noma bangayiwina iligi ngeke ayijabulele ngenxa yokuxoveka kwesizini ka-2018/2019.
ISundowns iphinde yafica i-Orlando Pirates esicongweni se-log ihlula iBlack Leopards ngo 2-1 eThohoyandou ngoLwesibili. La maqembu asehlukaniswe amagoli.
“Akusekho ezandleni zethu kodwa sekukwezePirates. Ngokomjaho, kuhle ukuthi sekudlulile konke manje futhi sesiyazazi ukuthi sikuphi, siyazi ukuthi kwenzekani. ISundowns izokhuluma uma kufanele, mina sengikushilo okungaphakathi. Ngisasho namanje ukuthi iSundowns iyayiwina iligi noma cha angizigqaji ngendlela uhlelo oluhambe ngayo. Lusiphazamise kakhulu. Lungiphazamisile. Luqubule izinkolelo nezinsolo. Ngizenzele izitha, ngiyazi. Kodwa yibhola, impilo yami. Ngifuna ukuwina, akukho okunye. Le nto ibaphazamisile abadlali. Mina anginawo lowo mdlandla wokuthi ngifuna ukuwina iligi. Angicabangi ukuthi kuhambe kahle kule sizini. Kodwa-ke okwenzekile kwenzekile. Okungenani konke sekucacile manje kodwa lokho kuphazamiseka kwenze kwaba nzima kithina eqinisweni,” kusho uMosimane.
Emidlalweni emibili yokugcina yesizini, iSundowns izobhekana neLamontville Golden Arrows ngesonto elizayo bese ivala neFree State Stars ekuhambeni ngoMeyi 11. I-Pirates izovakashela iCape Town City bese ivala isizini ngePolokwane City e-Orlando Stadium.
NgoMgqibelo, iSundowns ibhekene nomqansa emdlalweni womlenze wesibili weCAF Champions neWydad Casablanca eLucas Moripe Stadium. AmaBrazilians akhale ngaphansi ngo 2-1 kowomlenze wokuqala eMorocco. Idinga ukushaya igoli, yona ingangenelwa lutho ukuze izibekisele indawo kowamanqamu.
“Siyakholwa ukuthi iSundowns izolishaya igoli ngoMgqibelo. Ngeke wazi. Kuzoba nzima kakhulu kodwa mhlawumbe uMdali uzoba nathi. Kuhlala kunegoli uma sidlala e-Atteridgeville. Kodwa iWydad iyiqembu elikwaziyo ukushaya igoli. Yileyo inkinga yami. Ngithemba ukuthi sizokwazi ukubathulisa,” kusho uMosimane.