XOLILE MPISANE
UHLABEKE umxhwele njengoba iqembu seliqala ukuqoqa amaphuzu kwiBetway premiership umqeqeshi weMagesi FC, u-Owen Da Gama.
Lo mqeqeshi ufike kuleli qembu ekupheleni kukaDisemba nyakenye, ezovala isikhala sikaClinton Larsen, olishiye lisemsileni we-log.
NgoLwesibili ebusuku, iDikwena Tsa Meetse igile izimanga iguqisa elinye lamaqembu aphezulu kwi-log, iPolokwane City, ngo 1-0.
Ibinqoba okwesibili kulandelana kwazise iqumbe phansi neCape Town City ngo 2-0 ngempelasonto edlule.
Le miphumela ishiye iMagesi endaweni ka-15 kwi-log ngamaphuzu angu-14 emidlalweni engu-17.
Isiyishiya ngamaphuzu ayisithupha iRoyal AM, esemsileni. Leli qembu elisahaqwe yizinkinga lisadlale imidlalo engu-11 kuphela.
“Kufanele ngibancome abadlali ngokuzinikela kwabo nokusebenza kanzima. Asikafiki lapho sifuna ukuba khona. Kuningi okusafanele sikulungise, ikakhulukazi izinto ezifana nokugxila emaqhingeni esifuna ukuwasebenzisa emidlalweni,” kusho uDa gama.
“Sike saphazanyinswa ukulimala kwabadlali abamqoka abafana no-Edmore Chirambadare, odlale indima enkulu ngesikhathi iqembu lidla isicoco seCarling Knockout. Sithandazela ukuthi abadlali abalimele basheshe babuye, kungabe kusalimala muntu ngoba ukulimala kwabadlali abamqoka kuyaliphazamisa noma yiliphi iqembu.”
UDa Gama uthe okumjabulisayo wukuthi sezixazululekile izinkinga ebezingaphakathi eqenjini ebeziholela ekutheni lingadlali ngendlela ebilindelekile. Lo mqeqeshi uqhube wathi uzobalekelela abadlali ukuze bamelane nengcindezi yokuvika izembe.
“Sengike ngabhekana nalobu bunzima phambilini. Ngiyayiqonda ingcindezi ekubadlali nabaqeqeshi. Okusemqoka ukusebenzisa amava ukuze ususe umthwalo emahlombe abadlali ukuze bakwazi ukukhululeka enkundleni,” uqhube kanje.
“Abadlali bajabulile. Kuyangijabulisa ukubona ukuthi akekho oxabana nomunye. Iqembu belihlukene phakathi kodwa sesikulungisile lokho. Kwesinye isikhathi izinto azihambi kahle enkundleni ngoba kukhona okungalungile.
“Ingcindezi isekhona kodwa abadlali angibatsheli ukuthi bayolwela ukunqoba imidlalo, ngibatshela ukuthi bangene enkundleni bazimisele, okunye kuzozenzakalela.”
IMagesi izobhekana naMaZulu FC emdlalweni wayo olandelayo weligi ozoba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.