KUYOPHELA isonto lesibili esesibhedlela uthisha wesifazane ohlaselwe wukhwantalala emuva kokuphoxwa wumdlali weKaizer Chiefs, uNjabulo Ngcobo.
UNksz Gugu Mkhize (35) ushaqeke kwaphela nasozwanini maqede wadinda isililo okomuntu ofelwe, ngesikhathi ekhonjiswa izithombe zomshado kaNjabulo (28) nenye intokazi emasontweni amabili adlule.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi uNjabulo ushade isinyenyela nentokazi yaseMlaza kodwa esihlala eBloemfontein. Umthombo osondelene noNksz Mkhize uthe akawakholwanga amehlo akhe futhi akuvumanga ukuba amukele ukuthi uNjabulo useshade nomunye umuntu wesifazane esikhundleni sakhe.
Umthombo uthe uNjabulo noNksz Mkhize bese beneminyaka engaphezu kwemithathu bethandana futhi baze babusiswa ngezingane ezimbili. Yize eyokuqala yadlula emhlabeni ngokuphuphuma ngo-2020 kodwa indodakazi yabo inezinyanga eziyisithupha.
"Okuphathe kabi kakhulu uGugu wukuthi waqala ukuthandana noNjabulo engakabi nalutho futhi engakadlaleli noThongathi FC ngo-2019. Nguye owayemenzela konke futhi emboleka nemoto yakhe ngoba umfice esenguthisha wasesikoleni saseJolvet. UNjabulo ubehla enyuka ngeYaris kaGugu ngoba iPolo ayenayo yayimhlupha. Uze wayiphumuza ngoba esethenge iBMW asehamba ngayo manje.
Bathandane baze bathenga nendawo eMthwalume lapho bakhe khona umuzi wakhe."
Kuthiwa umdlali wake wayisho edlula eyokuthi ufuna ukuba nesithembu kodwa uGugu wasinqaba.
"Wayexakwa wukuthi uNjabulo ufuna ukuba nesithembu ekubeni engakazihlawuli izingane azithole kuGugu. Ushadelwa nje uNjabulo, ubethembise uGugu ukuzomlobola futhi ahlawule izingane njengoba evumbuke eseshada intombazane abengakaqedi nonyaka ejola nayo."
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi nakuba ebefisa ukushada noNksz Mkhize kodwa beyimphatha kabi eyokuthi mdala kunaye futhi unenye indodakazi eneminyaka ewu-12 amfice esenayo. Umthombo uvumile ukuthi uNjabulo wathi yingakho efuna ukuba nesithembu ukuze le ntombazane aseshade nayo ibe ngunkosikazi wokuqala njengoba ingenangane.
"Uwuphulile umphefumulo kaGugu. Ngikhuluma nje akasafuni ukubuyela esikoleni abefundisa kuso ngoba akazi ukuthi uzobabhekelwa ngubani othisha nabafundi ngoba bebazi ngothando lwabo futhi uNjabulo wubefika nasesikoleni ezobona uGugu," kuphetha umthombo.
Ethintwa uNksz Mkhize, uvumile ukuthi usesibhedlela ngenxa yokhwantalala. Ebuzwa ngoNjabulo, ucele ukungasho lutho maqede wavala ucingo. Eziphendulela uNjabulo uvele wabhoka ngolaka. "Hhayi madoda! Yekani izindaba ezinganifuni. Musani ukungijwayela kabi," kusho uNjabulo maqede wavala ucingo.