UZIDLELE amahlanga phesheya kwezilwandle umshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uZolani “Last Born” Tete evikela ngempumelelo ibhande le-World Boxing Organisation (WBO) bantamweight ngoMgqibelo ebusuku.
UTete uhlule u-Omar Narvaez wase-Argentina ngamaphuzu empini ayiphathe iqala yaze yaphela eSSE Arena, eBelfast aseyiphendule ikhaya lakhe. Le mpi ibikwezihlelwe nguFrank Warren.
Kusukela ngomzuliswano wokuqala kucacile ukuthi akukho okuyisimanga okuza noNarvaez ongene eringini ehlezi eqhulwini kubashayisibhakela abagaqele ibhande likaTete obelivikela okwesibili. Nyakenye ulivikele ngempumelelo kuSiboniso “Tiger” Gonya empini ephele emuva kwemizuzwana engu-11.
UNarvaez (42) kubukeke sengathi uzama ukugwema ukuthi angahlulwa ngomngqimuzo womlalisa phansi kunokufaka ingcindezi kumpetha ukuze awine ibhande. Naye uTete ubonakale engazimisele ngokushesha aqede ngoNarvaez. Ekugcineni womathathu amajaji impi ayinike uTete ngo 120-108.
Empini yosuku, umfana wendawo uCarl “The Jackal” Frampton, uhlule ngamaphuzu owayengumpetha womhlaba uNonito “Filippino Flash” Donaire empini yebhande le-WBO interim featherweight. Amajaji womathathu avumelane ngokuthi uFrampton uwinile emuva kokuyahlulela impi ngo 117-111.
Khonamanjalo, owayengumpetha we-International Boxing Organisation (IBO) minimumweight ne-World Boxing Association (WBA) , uHekkie “Hexecutioner” Budler uzobhekana noRyoichi Taguchi waseJapan empini yebhande le-International Boxing Federation (IBF) light flyweight nele-WBA ngoMeyi 20.
UBudler uhlulwe nguMilan Melindo empini yebhande le-IBF International light flyweight nyakenye esuse umsindo. Abaphathi bakaBudler bafake isimangalo kwi-IBF, yanquma ukuthi impi ibuyele eringini.
UTaguchi uzovikela amabhande akhe okokuqala kusukela ewawine ehlula uMelindo wasePhilippines ngoDisemba nyakenye. Oziwina phakathi kukaBudler noTaguchi uzophinde athole ibhande leRing Magazine.