UXINWA ngabaqeqeshi ngendaba yokuzimuka umdlali wasesiswini weCape Town City, u-Ayanda Patosi, osekuphele isikhathi kukhalwa ngayo kodwa ungabonakali umehluko.
UPatosi ujoyine iThe Citizens ekuqaleni kwesizini edlule emuva kokuchitha isikhathi edlala phesheya kwezilwandle.
Uphinde walikhombisa izinga lakhe ngesikhathi eshayela ezakhe amagoli amabili, zagcina zidlale ngokulingana ngo 2-2 ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium. Bekungokokuqala uPatosi edlala umdlalo wonke kule sizini.
Ngesi-zini edlule usihlalo weCity, uJohn Comitis, upha-wulile ngendaba yoku-khuluphala kukaPatosi wathi umamfuza amagwinya yikho ezimukile. Emasontweni adlule, umqeqeshi uBenni MacCarthy, uthe indaba yesisindo sikaPatosi iyinknga kodwa yena akumfanele ukukhononda ngayo ngoba wayebhekene nesimo esifanayo esengumdlali. Iphini lakhe, uVasili Manousakis, liveze ukuthi abajabule ngokuzimuka kukaPatosi abukeka engayinqobi impi yakho.
“UPatosi unenkinga yokuba qatha. Uyazama ukusebenza kanzima, usehlise amakhilo amabili cishe emasontweni amabili adlule, wadiliza u-2% wamafutha. Siyawubona umehluko. Kodwa uma uzodlala umdlalo wonke kufanele uphithizele. Akayena omunye wabadlali abasheshayo kwiPremiership, nakancane. Kodwa uyingozi, uhlale ekunika okuthize. Sihlezi kuyena, siyamxina ngoba ungomunye wo-no.10 abaphambili kwiPremiership. Uma ubheka ukuthi salahlekelwa nguLebo Manyama kuleya ndawo, ubheke ukuthi ukhona yini omunye umdlali omfunayo, u-Ayanda Patosi. Kodwa umdinga esesimeni esihle,” kusho uManousakis.
IThe Citizens iyoze ibuyele enkundleni ngoMgqibelo uma isibhekene neSuperSport United emdlalweni wamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kungokwesibili amasizini elandelana iCity idlala kowamanqamu alo mqhudelwano. Ngesizini edlule, iThe Citizens ihlulwe iyona iSuperSport enkundleni efanayo.
“Kusisize kakhulu ukuthola iphuzu kwiPirates, kuzonyusa ukuzethemba. Kube wumphumela omuhle kakhulu. Eqinisweni besidinga amaphuzu amathathu ukuze sisuke ezansi lapho kunesiminyaminya khona. Sidlale nePirates, sizolandelisa ngeSuperSport bese sidlala neWits. Uma ubheka konke, kubalulekile ukuthi khona esiphume nakho.”