AKUBUKEKI izophunyuka ogibeni iNingizimu Afrika edlalise uTeboho Mokoena kungafanele ngesikhathi yehlula iLesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngesonto eledlule.
Iqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana, yehlule iLesotho ngo 2-0 esenkundleni uMokoena weMamelodi Sundowns ekubeni kufanele ngabe udonsa isigwebo samakhadi amabili aphuzi. Ngokomthetho weFederation of African Football Association (Fifa), umdlali othole amakhadi amabili aphuzi emidlalweni ehlukene, uhlala ngaphandle kolandelayo.
UMokoena wathola ikhadi lokuqala ngesikhathi iBafana inqoba iBenin ngo 2-1 eThekwini ngo-2023, waphinda wabhalwa ngunompempe ngesikhathi icoboshisa iZimbabwe ngo 3-1 eBlomfontein ngoJuni nyakenye.
Ngokomthetho weFifa, iLesotho bekufanele ifake isimangalo engakapheli amahora angu-24 umdlalo uphelile. Nakuba isifake sekudlulile kulesi sikhathi kodwa iFifa inelungelo lokujezisa amaqembu. Ngalokhu, iBafana isengcupheni yokungena emazweni ase-Afrika ajeziswe yiFifa ngenxa yokwephula imithetho. Phambilini le nhlangano iwajezisile amaqembu ngokudlalisa abadlali kungafanele kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba zingafakwanga izimangalo.
Ngo-2013, i-Ethiopia yagwetshwa ngokudlalisa uMinyahile Beyene enamakhadi amabili aphuzi kweyokuhlungela ibhekene neBotswana emdlalweni wokuNdebe yoMhlaba ka-2014 neBotswana.
I-Ethiopia yayiwunqobile lowo mdlalo ngo 2-1 kodwa iFifa yawuguqula lowo mphumela yanikeza iBotswana amaphuzu amathathu, kwaqoshwa ukuthhi iZebras iwunqobe ngo 3-0. Ngaphezu kwalokho yahlawuliswa amaSwiss Francs angu-6000 (imali elinganiselwa ku-R123 736).
Kwenzeka okufanayo ngo-2017 kuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2018 eyayiseRussia, lapho iNigeria yaphucwa khona iphuzu ngokubophela umdlali owayenamakhadi amabili aphuzi ibhekene ne-Algeria. Lo mdlalo owadlalwa ngoNovemba 10 wawuphele zibambene ngo 1-1, kwathi ngoDisemba 10 iFifa yaqinisekisa ukuthi amaphuzu amathathu asezonikwa i-Algeria ngomphumela ka 3-0. ISuper Eagles yayidlalise u-Abdullah Shehu, yaphinde yahlawuliswa namaSwiss Francs angu-6000.
UNobhala weLesotho Football Association (LFA), uMokhosi Mohapi, ucashuwe ekuqinisekisa ukuthi basifakile isimangalo kwiFifa.
"Ngikholwa wukuthi ukuba bekuyithina esidlalise umdlali ongafanele, iBafana ibizokwenza okufanayo. Ngebhadi umthetho wumthetho futhi iSafa bekufanele bekufanele yazi ngamakhadi. Alikho elibi, siyawafuna lawo maphuzu,"kusho uMohapi.
IBafana iqhwakele kuGroup C ngamaphuzu angu-13. Uma amaphuzu amathathu enikwa iLesotho, izoqhubeka nokuhlala esicongweni ngayishumi. ILesotho inganyukela endaweni yesibili ngayisishiyagalolunye.