BAYALELWE ukuthi bangakunaki okubhalwa ezinkundleni zokuxhumana abadlali beRoyal AM abasalinde ukuzwa ngekusasa leqembu njengoba lisanda kudayiswa esidlangalaleni.
I-AM elawulwa ngumqonqi wentela, iSouth African Revenue Service (Sars), idayisiwe ukuze athole imali engu-R40 million okweletwa yisikhulu uShauwn "MaMkhize" Mkhize. Nakuba kungakacaci ukuthi iqembu ligcine liwele ezandleni zikabani kodwa sekusabalele ukuthi lithengwe ngusomabhizisini waseThekwini okuthiwa akakayikhokhi imali agcine elithole ngayo. Kulindeleke ukuthi ngaphansi kwabaphathi abasha, iPremier Soccer League (PSL), igunyaze ukuthi i-AM idlale imidlalo esele ngayo. Isigungu esiphezulu sePSL, i-Execetive Committee (Exco) kuthiwa sizohlangana siklame umhlahlandlela ngeThwihli Thwahla.
Kwenzeka lokhu nje, abadlali be-AM bayaqhubeka nokuziqeqesha futhi bayayithola imiholo yabo njengoba injalo. NgoLwesine, leli qembu lidlale umdlalo wobungani neDitlou FC eyibamba kwiKZN ABC Motsepe League, lanqoba ngo 5-0.
"Asikatshelwa lutho ngokuzokwenzeka. Sagcina sitshelwe ukuthi iqembu lizodayiswa kodwa asilinde, konke sizokwaziswa ngesikhathi esifanele. Sidonswe ngendlebe ukuthi singakunaki okushiwo ezinkundleni zokuxhumana ngoba kuningi okungamanga. Nathi siyazibonela lokho ngoba kukhona abathi asiholile, siyavolontiya, kodwa siyazi ukuthi siyahola njalo ngenyanga nakuba kwesinye isikhathi sihola sekudlule isikhathi,"kusho lo mdlali.
"Okwethu manje wukulinda, sizwe ukuthi kuzokwenzekani. Sinethemba lokuthi kuzolunga, siqhubeke nokudlala. Uma lokhu kungenzeki kuze kuqale inyanga entsha sekuzoba nzima kakhulu ngoba isikhathi sesihambile. Ngaphandle kwalokho, kufanele bacacise ukuze sizoyofuna umsebenzi kwezinye izindawo."
Abaphathi abasha be-AM, kufanele bakhokhe zonke izikweletu ezikhungethe iqembu okubalwa kuzoba esezigidi somgadli waseSerbia, uSamir Nurkovic.
I-AM igcine ukungena enkundleni ngoDisemba emdlalweni ohlulwe kuwona yiTS Galaxy ngo 3-1. Sekuhlehliswe imidlalo yayo engaphezu kweyishumi okubalwa kuyona oweNedbank Cup obekufanele iwudlale neMilford. Imidlalo ye-AM igcine imisiwe yiPSL kulandela ukwehluleka ukuletha incwadi eqinisekisa ukuthi izokwazi ukugcina imibandela yenkontileka okubalwa kuyona ukudlala yonke imidlalo.