UFAKIWE eqenjini elizodlala koweRugby Championship neNew Zealand kusasa ukaputeni weqembu lakuleli lesizwe lombhoxo labesilisa, uSiya Kolisi, phezu kokuba alimala ebusweni ngesikhathi la maqembu ebhekene eGoli ngempelasonto edlule.
UKolisi kwadingeka ukuthi akhishwe ngesiwombe sesibili ngenxa yokopha ngamakhala kulo mdlalo abawunqoba ngo 31-27 usuyophela.
Uzokwazi ukuhola iqembu emdlalweni wakusasa omqoka nama-All Blacks ozoqala ngo-5 ntambama e-DHL Stadium, ngemuva kokuthola imvume ethimbeni lodokotela.
“Kufanele ngiphinde ngisho ukuthi angiyena udokotela. USiya uphuke ikhala kodwa angifuni ukuwabiza ngamagama amathambo ngize ngisho okungeyikho,” kusho umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, esithangamini nabezindaba eKapa izolo.
“Ubengakwazi ukubuyisela ikhala endaweni yalo manje bese ehlala engadlali amasonto amathathu. Udokotela uthe angakwazi futhi ukulinda amasonto amabili bese elibuyisela endaweni yalo.
“Kusobala ukuthi lo mdlalo mkhulu kakhulu, hhayi ngoba kungoweRugby Championship kodwa ukudlala nama-All Blacks lapha eKapa kuhlale kusho lukhulu kithina. Wonke umuntu ufuna ukudlala. USiya ngokwakhe ukhethe ukuthi adlale manje bese elungisa ikhala lakhe emasontweni amabili.”
UKolisi uzobambisana noJasper Wiese benoPieter-Steph du Toit, ozoqala kwi-flank kulokhu. U-Eben Etzebeth uzoqala kwi-lock no-Ruan Nortje.
U-Erasmus wenze izinguquko eziningi emuva. UCanan Moodie uzovala isikhala sikaKurt-Lee Arendse, owashayeka ekhanda ngempelasonto edlule.
UGrant Williams, Handre Pollard noWillie Le Roux bathathe izikhala zikaCobus Reinach, Sacha Feinberg-Mngomezulu no-Aphelele Fassi.
U-Erasmus uthe ulindele ukuthi iNew Zealand ilinyuse kakhulu izinga kulokhu.
“INew Zealand isezingeni eliphezulu futhi siyazi ukuthi izobe ilangazelela ukubuya ngemuva kokulahlekelwa wumdlalo usuyophela ngesonto eledlule. Bayazi futhi ukuthi ukunqoba kungababeka endaweni engcono kwi-log,” usho kanje.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neNew Zealand eKapa:
Abaqalayo: 15 Willie le Roux, 14 Canan Moodie, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Cheslin Kolbe, 10 Handre Pollard, 9 Grant Williams, 8 Jasper Wiese, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi, 5 Ruan Nortje, 4 Eben Etzebeth, 3 Frans Malherbe, 2 Bongi Mbonambi, 1 Ox Nche
Abasebhentshini: 16 Malcolm Marx, 17 Gerhard Steenekamp, 18 Vincent Koch, 19 Kwagga Smith, 20 Elrigh Louw, 21 Jaden Hendrikse, 22 Sacha Feinberg-Mngomezulu, 23 Lukhanyo Am