OBEBAMBE izintambo zokuqeqesha kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson osekhonjwe indlela, ubhobokile ngovalo lokwehlelwa yisithunzi ngemva kokuthatha lo msebenzi waseNaturena.
UJohnson (65) owaqashwa njengenhloko yezinkulisa zeChiefs ngonyaka odlule, uhleli ekhaya kulandela ukuxoshwa kwakhe yiqembu eseliphekwa, nguNasreddine Nabi, waseTunisia.
Ngokusho kukaJohnson obekhuluma muva nje kwi-podcast egxile ezikanobhutshuzwayo wase-Africa i-On The Whistle, unovalo lokuthi irekhodi lakhe kuMakhosi lingase limnyundele kwezinye izikhulu zamaqembu ekubeni usawubhekile umsebenzi.
Amakhosi aseTurkiye lapho ematasa namalungiselelo okuqala kwesizini entsha yeDStv Premiership, akhuculule cishe kuzona zonke izinhlaka zabaqeqeshi kwazise uNabi uza nethimba lakhe.
Kulokhu kuphendlelwa kukaNabi nethimba lakhe akazange asale uJohnson, yize kuke kwaba namahemuhemu akhomba ukuthi uzobuyela emsebenzini ayeqashelwe wona ngaphambi kokubanjiswa isizini isiphakathi.
Ngaphansi kwesandla sikaJohnson iChiefs iqede endaweni ka-10 okuzitolika ngokuthi kube isizini emuncu kunawo wonke emlandweni waMakhosi kusukela kwaqala iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996.
“Angizange ngisayine kwiChiefs njengenhloko yabaqeqeshi kodwa akuphelanga ngisho inyanga usihlalo wangicela ukuba ngibambe kulesi sikhundla,” kusho uJohnson kwi-OTW.
“Akuyena umuntu okulula ukunqaba kuyena usihlalo weChiefs kanti nethuba lokuqeqesha elinye lamaqembu athathwa njengamakhulu e-Afrika akulula ukuliziba.
“Uma ngibheka emuva kuyangicacela ukuthi kwakungafanele ngiwuthathe maphakathi nesizini lo msebenzi. IChiefs yiqembu elinabalandeli abaningi abahlale bebheke impumelelo ngaso sonke isikhathi.
“Uma uhlanganisa lokho nokuthi iminyaka isibheke kwengu-10 ingafake lutho ekhabetheni lezinkomishi kuzokucacela ukuthi kufanele ucabangisise uma ucelwa ukuthatha umsebenzi walolu hlobo.
“Angingabazi ukuthi uma iChiefs ingaphinda ingicele ukuthi ngibambe ngeke ngivume kalula njengoba ngenzile ngoSepthemba nyakenye,” kulandisa lo mqeqeshi.
Akafihli uJohnson ukuthi usazimisele ngomsebenzi wokuqeqesha kodwa unovalo lokuthi irekhodi lakhe kwiChiefs lingase limnyundele kulaba abebesengamnika itoho.
“Ngihlele ukuphumula okungenani izinyanga ezimbalwa kodwa umsebenzi wokuba yinhloko yabaqeqeshi ngisawubhekile. Anginankinga ukuthi ngiwuthola lapha ekhaya noma emazweni angaphandle.
“Ngeke ngilizibe futhi iqembu elingifunela ukuba yinhloko yezinkulisa ngoba nentshisekelo yokwenza lokho ngisenayo.
“Uvalo enginalo elokuthi irekhodi lami kwiChiefs lisehlisile isithunzi sami okungase kwenze nabebesazongiqasha bangibheke ngelinye iso,” kuphetha uJohnson.