ABEZINKULUMO ezakhaya bavame ukuthi ‘ikusasa lakho lisezandleni zakho’ nokungamazwi okufanele ukuba ankenteza ezindlebeni zabadlali be-Orlando Pirates ngesicoco se-Absa Premiership uma bebheka ukuthi bazodlala neMamelodi Sundowns neBidvest Wits ngokulandelana.
Lawa maqembu iPirates ibanga nawo ukunqoba isicoco seligi kanti uma ingawaqumba phansi ivuke namaphuzu ayisithupha ingazibona esicongweni ekubeni kuzobe sekusele imidlalo emihlanu kuphothulwe isizini.
Kuyimanje yiSundowns eqhwakele ngamaphuzu awu-43 kuthi iWits ilandela ngawu-41 bese kuba yiPirates ibenaw-40.
ISundowns evikela isicoco iyona ezobhekana nePirates kuqala emdlalweni ose-Orlando Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku.
Lowo mdlalo uzokwenza womabili amaqembu alingane neWits ngemidlalo engu-24.
IWits izobe isilandela ngokusingatha iPirates eBidvest Stadium ngo-Ephreli 6.
Umdlalo wePirates neSundowns bekumele ube ngo-Ephreli 27 kodwa wasondezelwa usuku lwakusasa ngenxa yokudlulela kwayo kuma-quarter-finals eCaf Champions League lapho ezobhekana khona ne-Al Ahly.
Esewonke amaqembu athinteka kulesi simo seSundowns yiBaroka FC, Pirates, SuperSport United, Lamontville Golden Arrows neBlack Leopards.
Ukaputeni wePirates, uHappy Jele, uthe ujatshuliswa wukuthi baya emdlalweni wakusasa bengenabo abadlali abalimele.
“Ngicabanga ukuthi kumqoka kakhulu kithi njengabadlali ukufaka umfutho kulo mdlalo ozayo (weSundowns). Okungijabulisayo wukuthi iningi labadlali bethu alilimele. Sidlale omunye umdlalo wobungani nosize ukuthi ozakwethu bathole ithuba lokudlala. Kubalulekile ukuthi sizimisele sithole amaphuzu, sidlala ekhaya,”kusho uJele.
Enanela amazwi kakaputeni wakhe uLuvuyo Memela, uthe:
“Okumqoka kakhulu manje wukuthi singakuvumeli ukuthikamezeka emiqaondweni yethu. Sisalelwe yimidlalo eyisikhombisa (kuphele isizini). Enkundleni kufanele singazicindezi kodwa umdlalo weSundonws siwuthathe ngendlela esithatha ngayo eminye.”
ISundowns izosingatha i-Al Ahly emlenzeni wokuqala eLoftus Stadium ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku.
Umlenze wesibili usegibhithe ngo-Ephreli 12 enkundleni esazomenyezelwa.
Imidlalo yeSundowns eshintshiwe imiswe kanje:
17/04/2019 - Sundowns v SuperSport United, Loftus Versfeld, 7.30pm;
20/04/2019 - Baroka FC v Sundowns, New Peter Mokaba Stadium, 4pm;
01/05/2019 - Black Leopards v Sundowns, Thohoyandou Stadium, 3pm;
07/05/2019 - Sundowns v Golden Arrows, Loftus Versfeld Stadium, 7.30pm.