Usebuyele ejimini yeChippa United unozinti, uStanley Nwabali, obekusabalele ukuthi uzojoyina i-Orlando Pirates emasontweni adlule.
UNwabali waseNigeria wagqama egila izimanga evimbele iqembu lakhe lesizwe emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast, ekuqaleni konyaka. INigeria yagcina ihlulwe yi-Ivory Coast kowamanqamu. Emuva kwe-Afcon, lwaqhubeka udumo lukaNwabali, kwasabalala ukuthi ufunwa yinqwaba yamaqembu eDStv Premiership okukhona kuwona iPirates nezimbangi zayo iKaizer Chiefs nawaphesheya kwezilwandle.
Emuva kokuphela kwesizini ka-2023/2024, kuvele ukuthi abaqeqeshi beChippa uKwanele Kopo nephini lakhe uThabo September, batshelwe ngusihlalo uSiviwe Mpengesi ukuthi bakulungele ukuthi bazodlala isizini ka-2024/2025 ngaphandle kukaNwabali.
UNwabali akafakwanga kubadlali abangu-16 abadedelwe yiChippa emasontweni adlule. Lokhu kuqinise imibiko yokuthi lo nozinti uzodayiselwa elinye lamaqembu amakhulu kwiPremiership noma elaphesheya kwezilwandle. IChiefs kubukeka izikhiphile ekumatanisweni noNwabali ngesikhathi isayinisa uFiacre Ntwari waseRwanda obedlalela iTS Galaxy. KwiPirates bekubhekwe ukuthi uNwabali ayovala isikhala sikaRichard Ofori waseGhana.
Iphini lomqeqeshi weChippa, uThabo September, lithe usebuyile uNwabali ejimini.
“Okwamanje nathi asazi ukuthi kwenzekani. Kodwa ukhona lapha ejimini futhi siyambala njengomdlali okhona eqenjini ngoba akukho okuphathekayo esitshelwe khona ngaye. Siyamfaka ezinhlelweni zethu zesizini kuze kuba kwenzeka okunye kwazise iwindi lisavuliwe,” kusho uSeptember.
IChilli Boys enomlando wokudayiselana abadlali nePirates, isiqalile ukuqinisa iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024. Kubadlali ebasayinisile kukhona injini yakudala yeZimnyama, u-Andile Jali, ebiyibamba kwiMoroka Swallows. Ekupheleni kwesizini edlule, ichithe inqwaba yabadlali okukhona kubona uLuvuyo Memela nomakadebona u-Andile Mbenyane.
“Njengoba iwindi lisavuliwe, ngeke ngisho ukuthi sesiqedile ukusayinisa abadlali. Sihlala sibheka abadlali esikholwa wukuthi bazolisiza iqembu. Okwamanje, sicabanga ukuthi sisayinise kahle kodwa umnyango sisawuvulile uma kukhona omunye umdlali esimbonayo,” kusho uSeptember.