KUQINE idolo kwiphini lomqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi ngaphambi komdlalo awuchaze njengozoba ngeminye yenzima aseke abhekana nayo kwazise umelwe ukweqa ngomqondo umuntu abazana naye ukusuka nokuhlala, uClinton Larsen weChippa United.
I-Arrows izovakashela amaChilli Boys emdlalweni we-Absa Premiership ozokuba seNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku.
Kusukela efikile kwiChippa uLarsen, leli qembu likhombisa izimpawu zokuvuka emaqandeni. Kwenzeka lokhu nje, iGolden Arrows ilokhu isondele njalo kwi-Top 8 kwazise yenza kahle kusukela ethathe izintambo uSteve “Mphathi” Komphela. IChippa isendaweni yesine uma usuka emsileni ngamaphuzu angu-19 kanti i-Arrows inamaphuzu awu-24 endaweni yeshumi.
UKomphela uthathe lo msebenzi kulandela ukuvumelana kukaLarsen ne-Arrows ukuthi ucu alusahlangani entanyeni. Njengoba la maqembu ezobe ebhekene kuzobe kungo kokuqala kusukela uLarsen bevumelane ngesehlukaniso nabaphathi Bafana Bes’thende.
UNcikazi osebenze kakhulu noLarsen uthi, kusukela efikile ebholeni elikhokhelayo, lo umdlalo okunzima kunayo yonke ukuyihlelela kuyena kodwa ukubakhona kukaKomphela yikhona okumqinisa idolo.
“Leli elinye lamasonto anzima kimina. Ngiyahluleka ukuphumula ngingacabangi ngalo mdlalo wethu neChippa. Kuningi engikucabangayo ngoba sibhekene neqembu eliqeqeshwa umuntu engiwazi kahle umqondo wakhe. Ngaphezulu kwalokhu naye uwazi wonke owami. Abadlali okufanele sibacijele ukuthi bamcoboshise uhlale nabo amasizini amathathu ngakho-ke ubazi ukusuka nokuhlala kwabona. Akukhona lokho kuphela kepha nobumqoka bamaphuzu zinhlangothi zombili bungicacisela kuhlale obala ukuthi lo mdlalo uzobanzima kakhulu,” usho kanje uNcikazi.
Okunye okuphinde kuqinise uNcikazi idolo ukuthi lokhu akuzwayo uyazi isimo siyafana nasekhempini yeChippa. Kuningi okuyizinongo kulo mdlalo ngokusho kukaNcikazi kodwa ukuba khona kukaKomphela yikhona okungase kube wukhiye.
“Kunzima kodwa ngenhlanhla kukhona uKomphela indoda ehlelayo okuthi noma sekunesixongololo, ime kwekholelwa kukhona. UKomphela uyayazi into ayifunayo futhi uphiwe ekutheni akutshele uzwe. Umdlalo ungabanzima kodwa ubuhlakani bakhe bungaba ukhiye kulo mdlalo. Abadlali bayamuzwa. Akukho esikuyela eP.E ngaphandle kwamaphuzu agcwele.
Lo mqeqeshi uveze nokuthi bazibekele isibalo esithile samaphuzu kule midlalo esele futhi bayihlukanise ngokwezigaba. “Sikuqonda kahle esikufunayo futhi sikholelwa ekutheni sizokuthola. Uma sithola ngaphezulu nakhona kuyobe kusasifanele ngoba umsebenzi uyaqhubeka. Abekho abadlali abalimele ngaphandle kwalaba vele osekunesikhathi bengadlali kanti akekho noyedwa osesigwebeni samakhadi."