UMGADLI weKaizer Chiefs kwiDStv Diski Challenge (DDC), uNaledi Hlongwane, ukulungele ukuyolamulela leli qembu laseNaturena uma umqeqeshi weleBetway Premiership, uNasreddine Nabi, embiza.
Lokhu kushiwo nguyena lo mgadli osemncane ogile izimanga eshaya amagoli amabili edlalela ipiki evotelwe ngabalandeli, iCarling All Stars eyehlule iMagesi FC ngo 3-0 e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo. UHlongwane (19) uqokwe njengomdlali ovelele wosuku, wagoduka nesheke lika-R100 000. Elinye igoli le-All Stars lishaywe nguSamkelo Zwane odlala esikimini esikhulu saMakhosi.
Sekufana neculo kuNabi ukukhala ngobuthuntu babagadli bakhe abehlulwa yinqwaba yamathuba okushaya amagoli abukeka elula. Muva nje, lo mqeqeshi waseTunisia ulibeke ngembaba elokuthi kubadlali anabo emabhukwini eChiefs akekho osezingeni elifunwa ilo mqeqeshi futhi uphume inqina yokuzingela umgadli ongalibheki ipali.
Nakuba ekhala uNabi kodwa iChiefs ibalwa namaqembu aseshaye amagoli amaningi kule sizini kwazise isishaye angu-13 emidlalweni eyisishiyagalolunye. Nokho kumnyama kubagadli abalandelwa ukuzoshaya inethi eNaturena okukhona kubona uRanga Chivaviro osashaye amathathu no-Ashley Du Preez osashaye amabili kuphela.
Laba bagadli, bahlulekile ukushayela iChiefs amagoli ebiwadinga, yagcina ihlulekile ukungena kwiMTN8.
UHlongwane utshele abezindaba ukuthi ukulungele ukusabela uma ebizwa eqenjini elikhulu.
“Ngijabule ngokukhula kwami kusukela ngifike kwiChiefs kodwa esengikufundile ukufaka ikhanda phansi, ngisebenze kumbe ngikhulume ngezenzo njengoba ngenzile,” kusho uHlongwane ngokuzethemba.
“Umsebenzi wami wukushaya amagoli ngakho-ke uma ngibizelwa eqenjini elikhulu akukho okuyobe kubusa ikhanda lami njengalokho. Iqembu alenzi kahle (iChiefs) kodwa umqeqeshi umatasa nokuqhamuka namaqhinga. Ngihlale ngilindile futhi ngilungile ukusabela uma iqembu elikhulu lingibiza.
“Okuhle wukuthi vele sebekhona esikwatini esikhulu abadlali ebengikhula nabo. Ngiyazi kufanele ngiqhubeke nokusebenza kodwa amathuba afana ne-All Stars ayisibusiso kimina ngoba ngithola ithuba lokusebenzela eduze nabadlali engikhule ngibukela kubona njengokaputeni, uSipho (Chaine) noThembinkosi (Lorch).
Njengoba iChiefs imataniswa noFiston Mayele waseDemocratic Republic of Congo (DRC), kubhekwe ngabomvu ukuthi izomlanda ngoJanuwari noma izokhuphula uHlongwane. Amakhosi azosonga unyaka ngomdlalo weligi neChippa United ngoDisemba 29 eMoses Mbhida Stadium, eThekwini.