OWAYEYISITOBHA seBafana Bafana, uLucas “Rhoo” Radebe, ubona kuseva ukuthi sekungaphakanyiswa uBenni McCarthy njengomqeqeshi olandelayo weqembu lesizwe.
URadebe wayengukaputeni weBafana adlale kuyo imidlalo ewu-70. Ngomunye wabadlali abazakhela igama kwi-English Premier League esayibamba kwiLeeds United. Uphawule ngezinkulumo ezisabalele zokuthi iqembu lesizwe sekufanele libuyele esandleni somqeqeshi waseMzansi. Kukhona abaphakamisa ukuthi iSouth African Football Association (Safa) iqoke uMcCarthy ofike kwezwakala ekuqeqesheni. UMcCarthy uwine indebe yeMTN neCape Town City kule sizini. Uyena mqeqeshi oneziqu zokuqeqesha eziphezulu ukubadlula bonke kwazise ushaya nge-UEFA Pro Licence. Emasontweni adlule uPitso Mosimane, opheka iMamelodi Sundowns, uphumele obala ngokuthi ubona umqeqeshi wangomuso weBafana kuMcCarthy.
“Kuseva kakhulu ukuthi usengaqeqesha iBafana. Ngokwami uBenni kuningi okusafanele akufunde. Lona wumbono wami. Usendleleni enhle okwamanje. Izinga lakhe liyavela kancane kancane. Ngicabanga ukuthi angaba uyena umqeqeshi weBafana eminyakeni ezayo,” kusho uRadebe.
Kumanje iBafana, ebikade idlala umdlalo wokugcina wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) neLibya izolo ebusuku, iqeqeshwa nguStuart Baxter. UBaxter uvele uhlezi ngesinqe esisodwa esikhundleni. Sekuvele kaningi ukuthi iSafa ifuna ukumchitha phezu kokuba enenkontileka ende. URadebe ngomunye wabadlali abahlonishwayo kodwa abashaywa ngesithende yiSafa phezu kokuba ihlala ithembisa ukuthi izozisondeza izinkakha. Ukuchithile ukuthi wanqaba iSafa imfaka kwesinye isikhundla.
“Angikaze nginqabe lutho oluvela kwiSafa. Ngihlala ngisho ukuthi ngikulungele ukusiza noma yikuphi lapho ngingabanjiswa khona. Kodwa kudingeka sihlale phansi sikhulume ngakho. Akukho asebake bakubeka etafuleni futhi angikaze nginqabe lutho. Ngifuna kucace lokho. Abakaze bakhulume nami,” kusho uRadebe.
UBaxter wasayina neSafa inkontileka ephela emuva kweNdebe yoMhlaba yango-2022 eQatar.
Usanda kuzibophezela ukuthi uma ehlulekile wukuya kwi-Afcon uzowushiya umsebenzi.
Wahluleka wukufaka iBafana kwiNdebe yoMhlaba ebiseRussia nyakenye.