ISITOBHA seStellenbosch FC okuthiwa sifunwa uthuli iKaizer Chiefs, uFawaaz Basadien, sivule izandla ngokujoyina leli qembu laseNaturena kodwa siyakuqonda nokuthi kusemqoka ukuthi iqembu laso laneliseke ngokubekwa etafuleni.
Ngeledlule, iStellies imemezele ukuthi isize yakhuphula ngisho umholo kaBasadien ngenhloso yokuhlehlisa iChiefs okuthiwa izama konke ukusayinisa lo mdlali lingakavali iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoSepthemba 20.
UBasadien ubizelwe okokuqala kwiBafana Bafana ezobhekana ne-Uganda emdlalweni ka-Group K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezobanjelwa kwelaseMorocco ngonyaka ozayo.
OweBafana nama-Cranes ungoLwesihlanu ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba eSoweto, ngoMsombuluko, uBasadien oqale ukugqama esekwiMoroka Swallows, akazange akufihle ukuthi ukufunwa iChiefs kumenza azibone ewumuntu ebantwini.
“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi akungikitazi ukumataniswa neqembu elithathwa njengelikhulu njengeChiefs,” kusho uBasadien.
“Nakuba kunjalo kodwa akufanele ngenze iphutha lokugqoka ukufunwa kwami iChiefs bese ngikhohlwa umsebenzi weStellies okuyiyona engisemabhukwini ayo.
“Akukho okuzongiphazamisa kwiStellies kuze kube kuthiwa ngitshelwa okunye. Kungenxa yethuba engilinikwe iStellies nabaqeqeshi beBafana baze bangibona ngakho-ke ngaziwa ngiwumdlali waleli qembu laseKapa, yize ngingeke ngikuphike ukuthi kuyakhuthaza ukumataniswa neChiefs.
“Okusemqoka okwamanje ukuqinisekisa ukuthi ngilawula lokhu enginamandla okukulawula njengendlela engidlala ngayo kwiStellies,” kusho uBasadien.
Lo mdlali usethubeni lokuqala umdlalo we-Uganda kulandela inkulumo yomqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ngabadlali beStellenbosch nabe-Orlando Pirates.
UBroos uthe nakuba engakanqumi ngesikimu kodwa angase abheke kubadlali beStellies nabePirates kwazise sebedlale kwayichaze njengebinzima ngaphansi kweCaf Champions League nakwiCaf Confederation Cup ngokwahlukana kule sizini entsha.