INHLOKO yabaqeqeshi kwiStellenbosch FC, uSteve Barker, yale yaphetha ukunaba ngezizathu eziholele ekutheni, uJayden Adams, axoshwe umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ekhimpini muva nje ngakuchaze njengokuziphathi kahle.
Abezimisele ngokukusho uBarker esithangamini nabezindaba ngesikhathi iStellies iqeda ukunqoba kuMaZulu FC ngo 2-1 kwi-Last 16 yeCarling Knockout, ukuthi akangabazi ukuthi u-Adams usazobuyela enqenjini lesizwe.
Igama lika-Adams belisematheni kuqala ikhempu yakamuva yeBafana lapho uBroos aveza kwabezindaba ngeke asabe seqenjini ngenxa yokungaziphathi kahle.
UBroos wathi ngeke anabe kwabezindaba ngokuthi lo mdlali wenzeni.
U-Adams ongomunye wabadlali abagqamile kwiStellies futhi owashaya into ecokeme beguqiswa yi-Orlando Pirates kowamanqamu eMTN8 emasontweni amabili edlule, akazange awuqale owoSuthu ngoLwesihlanu olwedlule.
Kodwa ukungena kwakhe maphakathi nawo kube olukhulu usizo kwiStellies ngokusho kukaBarker.
“Angisiboni isidingo sokukhuluma ngento esidlulile futhi ngabe angenzi ubulungiswa uma ngiphawula ngokwenzeka ekhempini yeBafana,” kusho uBarker kwabezindaba.
“Engingakungabazi ithalente lika-Adams nezimanga asenzela zona njengeqembu. Kube nezinkulumo ngekusasa lakhe ngesikhathi kuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali kodwa wagcina engahambanga. Lokhu kuqondane nokuthi angaboshelwa kwemibili yeBafana eyidlale ngoSepthemba.
“Kwazi bani mhlawumbe kumphazamisile lokhu kodwa iqiniso ukuthi uwumdlali weqophelo eliphezulu okufanele abuyele ngokushesha kulo esimaziyo phambilini.
“Emdlalweni waMaZulu ungene wawupholisa (umdlalo) sathola nethuba lokuphefumula kwazise esiwombeni sesibili nasesikhathini esengeziwe besithwele kanzima.
“Okusemqoka kithina (baqeqeshi) ukumbuyisela uthando lokuba senkundleni ngoba uma ewumqemane futhi ejabule kusizakala iStellies,” kusho uBarker.
Khonamanjalo: U-Arthur Zwane, obekungumdlalo wakhe wokuqala kuMaZulu nomlingani wakhe, uVusimuzi Vilakazi, uhlabeke umxhwele ngakubonile.
“Isikwati esisifice kuMaZulu nomfutho engiwubone kubadlali esiwombeni sesibili kwenza ngingangabazi ukuthi sizosiguqula isimo,” kusho Zwane.
“Esiwombeni sokuqala besithwele kanzima kodwa abadlali abasuke ebhentshini bangene bayilungisa inkinga kungaphele sikhathi esingakanani.
“Lo mdlalo ubufana nethuba lokubona bonke abadlali esinabo njengoba kudlalwe imizuzu engu-120. Kuningi esikubonile kwasihlaba umxhwele ingakho singakungabazi ukuthi sinaso isikwati esinamava okusisusa la sikhona kwi-log,” kusho uZwane.
Umdlalo olandelayo waMaZulu oweBetway Premiership ngoLwesihlanu ne-Orlando Pirates ngo-7.30 ebusuku, e-Orlando Stadium, eSoweto.
NgoLwesithathu, iStellies izovakashela iChippa United, eNelson Mandela Bay Stadium ngo-7.30 ebusuku.