OYINKAKHA ye-Orlando Pirates, uPatson “Sparks” Banda, uthi ubone kunesidingo sokuthi abhale incwadi ngomlando nempilo yakhe esadla anhlamvana ngenhloso yokushiya umsizilo wakhe ebholeni laseNingizimu Afrika oyobonwa nayizizukulwane ezizayo.
UBanda (68) ukusho lokhu engxoxweni abenayo naleli phephandaba emcimbini wokwethulwa kwencwadi ekhuluma ngomlando nempilo yakhe, i-Sparks of Fire, eshicilelwe yi-On Time Publishers. Le ngqophamlando yencwadi ngempilo kaBanda yethulwe, e-Inkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.
UBanda owazalelwa KwaMbonambi, ngaseMtubatuba, kodwa wakhulela eSoweto, eGoli, ungomunye wonozonti abahlonishwayo emlandweni wePirates nasebholeni laseNingizimu Afrika jikelele ngenxa yekhono ayenalo ezintini.
“Ukubhala incwadi ngempilo yakho usaphila kusho lukhulu, ngoba uma ungasekho akekho ozokubhalela, bese kuthi laba abanye ababhalayo babhale okungeyikho ngomlando nempilo yakho, kungasafani nendlela wena obuzobhala ngayo ubhala ngento oyaziyo, hhayi inzwabethi.
Ngakho-ke ngibone kunesidingo futhi kumqoka kimi ukuthi ngiyibhale incwadi ngempilo yami ukuze labo abangangazi bakwazi ukuthola ulwazi ngokuthi bathenge le ncwadi bafunde ngami.
Lokhu okusho ukuthi-ke umsizilo engiwushiyile ebholeni laseNingizimu Afrika ngeke uphele, uyobonwa nayizizukulwane ezizayo,” kusho uBanda owaduma ngeminyaka yo-1970 kuya ko-80.
Phakathi kwezinkakha zebhola ebezizimazise lo mcimbi wokwethulwa kwencwadi kaBanda, kubalwa kuzo uJoseph “Banks” Setlhodi, u-Eric “Nduna kaNdaba” Ngidi, Vuma Mfeka, uJohannes “Mahlalela” Hadebe, uJoel “The Horse” Faya, uBasil Hollister nezinye.
Kulo mcimbi okugqame kuyona amahlaya, uFaya owayengumgadli ongalibheki ipali kuMaZulu ngeminyaka yo-1980 uveze ukuthi kwamhlaba umxhwele ukushaya igoli ebhekene nalo nozinti owayaziwa ngokwala ukhasha ezintini, komunye umdlalo owawuphakathi kwaMaZulu nePirates.
“UBanda wayengomunye wonozinti ababesezingeni eliphezulu, ngakho kwangihlaba umxhwele ukuthi ngikwazi ukushaya igoli komunye umdlalo esasiwudlala sibhekene nePirates lapho khona uBanda wayefunge khona wagomela ukuthi ngeke lingene igoli kuyena ngenxa yokwala kwakhe ukhasha ezintini.
Kodwa-ke ngenxa yokuthi mina ngangiwulova waKwaMashu, ngamshaya (esho ehleka). Ngisamhlonipha namanje uBanda, engimthatha njengobhuti wami omdala ngenxa yekhono lakhe ayenalo ezintini,” kusho uFaya.
Kanti uSetlhodi naye owayengunozinti wokuqina kwiKaizer Chiefs nowayebalwa nonozinti abasezingeni eliphezulu ngeminyaka yo-70 no-80, uncome uBanda ngokubhala phansi umlando ngempilo yakhe.
“Lokhu okwenziwe uSparks, kuyinto edinga ukushayelwa elikhulu ihlombe, futhi
kuyasikhuthaza nathi njengezinye izinkakha ukuthi sibhale phansi umlando wethu ukuze izizukulwane ezizayo zazi ngathi.
Ngisamhlonipha namanje uSparks ngokuba ngunozinti owayesezingeni eliphezulu ebholeni laseNingizimu Afrika, futhi owathatha indawo yonozinti wayibeka kwelinye izinga, njengoba phambilini kwakuyindawo engathathwa njengebalulekile ebholeni,” kusho uSetlhodi.