UMDLALI wasemuva kwiSwallows FC, uYagan Sasman, uthi ukubuyelwa wukuzethemba kubadlali yikhona okuzoba yisikhuthazi esikhulu emshikashikeni weqembu wokusuka esishozini sezembe.
USasman usho kanjena nje iSwallows ebhinjelwa yizinto, ibalwa namaqembu avika izembe. Phezu kokuba kunjalo kodwa ivuke yazithatha ngokubhaxabula iChippa United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesihlanu olwedlule.
ISwallows ivuka ngeChippa nje, ibibuya esibhaxwini sika 2-0 ebisithole kwiMamelodi Sundowns maphakathi nesonto.
ISwallows izotholana phezulu neTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership, eDobsonville Stadium, eSoweto, namuhla ngo-3.30 ntambama.
“Besiyidinga kakhulu iwini emdlalweni wethu neChippa, ukubuyisa ukuzethemba kithi singabadlali, emuva kokushaywa imidlalo emibili ilandelana.
“Eqinisweni kulandela kokunqoba kwethu kwiChippa, umoya wokuzethemba ubuye ngempela kithi singabadlali njengoba sibheke emdlalweni wethu neTS Galaxy.
“Ngumdlalo onzima lo esiyowudlala neTS Galaxy, ikakhulukazi njengoba ingakahlulwa emidlaweni emibili yokugcina eyidlalile. Nakuba kunjalo kodwa sizimisele kakhulu ngokulwela amaphuzu agcwele kulo mdlalo, ikakhulukazi njengoba sidlalela ekhaya,” kusho uSasman, obe esencoma ukufika komqeqeshi u-Ernst Middendorp.
“Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi ukufika kukamqeqeshi u-Ernst kukhona le nto okuyenzile ekhempini yeqembu. Into afike asitshela yona wukuthi singayifaki nakancane indaba yokuthi sivika izembe ngoba sizosuka kule ndawo esikuyona.
Ngikhuluma nje kumanje asiyicabangi nakancane indaba yezembe ngoba siyazi ukuthi sisalelwe yimidlalo engu-15 yonke esisazoyidlala. Pho kungani kufanele sizikhathaze ngokucabanga ngezembe ?“ kuqhuba uSasman oke wasebenza ngaphansi kukaMiddendorp kwiKaizer Chiefs kumasizini edlule.
UMiddendorp osengumakadebona ebholeni laseNingizimu Afrika, uthathe izintambo zokuqeqesha leli qembu laseSoweto maphakathi noDisemba, evala isikhala sikaDylan Kerr okhonjwe indlela ngoSepthemba emva kokushaya udaka kweqembu kusukela kuqale le sizini.
Emuva kokukhonjwa indlela kukaKerr, kuke kwabamba nguMusa Nyatama eyibamba-mqeqeshi ngaphambi kokufika kukaMiddendorp.
Emidlalweni emithathu esebhentshini leZinyoni, uMiddendorp usashaywe kabili. Ushaywe yiRichards Bay FC ngo 1-0, walandelwa yiSundowns ngo 2-0, ngaphambi kokubuya namaphuzu aphelele ngeledlule eshaya iChippa ngo 2-0.
Lo mqeqeshi obhekene nomsebenzi wokutakula iZinyoni, okumanje zisendaweni ka-14 kwi-log yePremiership, unemidlalo emihlanu okufanele akhombise kuyona ukuthi uzokwazi ngempela yini ukutakula leli qembu laseSoweto ezembeni.
Kule midlalo kubalwa oweTS Galaxy (ekhaya), iSekhukhune United (ekuhambeni), iSupersport United (ekhaya), iRichards Bay (ekhaya), neCape Town City (ekuhambeni).
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-3.30pm:
Swallows FC v TS Galaxy (Dobsonville Stadium)
Ngo-5.30pm
Maritzburg United v Royal AM (Harry Gwala Stadium