UKAPUTENI weDurban’ Super Giants, uKeshav Maharaj, unethemba lokuthi iqembu lakhe lingakwazi ukwenza okungcono kunalokhu elakwenza ngesizini edlule njengoba kuzoqala enye isizini yeBetway SA20.
Lo mqhudelwano odlalwa ngamaqembu ayisithupha abunjwe ngabadlali bakuleli nabaphesheya kwezilwandle, uzobe udlalwa okwesithathu kulo nyaka. Emibili yakamuva inqotshwe yoqembu elizinze eGqeberha, iSunrisers Eastern Cape.
ISuper Giants yaqeda endaweni yesihlanu kwi-log kowokuqala, yangangena kweyomkhumulajezi. Ilikhuphulile izinga ngonyaka odlule, ifinyelela kowamanqamu, yanqotshwa yiSunrisers ngama-run angu-89.
UMaharaj ukholwa wukuthi iqembu lakhe lisengathuthuka, ikakhulukazi njengoba liphinde lathola abadlali abasha.
Kwabazobe beqala ukudlalela leli qembu kule sizini kubalwa umdlali osemncane wakuleli, uCJ King, inkakha yokubhetha yaseNew Zealand, uKane Williamson, umshwibi wase-England uChris Woakes, nabaseWest Indies, uBrandon King noShamar Joseph.
ISuper Giants iphinde yenza ushintsho ethimbeni labaqeqeshi. U-Allan Donald uyena osezocija abashwibi, evala isikhala sikaMorne Morkel. Uzosebenza ngaphambi kwenhloko yabaqeqeshi uLance Klusener.
Ngaphandle kukaMaharaj, izobe isahlome ngabanye abadlali amanamava abagqame kumaProteas njengoQuinton de Kock, Heinrich Klaasen, Wiaan Mulder nabanye. Kwabaqhamuka phesheya kukhona uMarcus Stoinis wase-Australia, Naveen-ul-Haq wase-Afghanistan nabanye.
“Ngicabanga ukuthi abafana bajabule kakhulu. Yima ngizolijoyina iqembu njengoba ngiphuma kwelesizwe kodwa bengibuka ezinkundleni zokuxhumana futhi ngibe nezingxoxo nomqeqeshi,” kusho uMaharaj.
“Ngikubheke ngabomvu ukuba nabo, ngihlangane nabadlali abasha futhi siqale ukulungiselela umdlalo wokuqala. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi alikho iqembu eliphuma eThekwini namaphuzu, senze kangcono kunalokhu esakwenza ngonyaka odlule.
“Ngilindele ukufunda lukhulu kumuntu ofana noKane Williamson. Usezungeze umhlaba futhi usehole amaqembu amaningi kanjalo nezwe lakhe. Ngijahe nokubona ukuthi abasebancane njengoJK King noBryce Parsons bazokhula kanjani kulo mqhudelwano.”
Lo mqhudelwano uqala namuhla ngo-5.30 ntambama lapho iSunrisers Eastern Cape izobhekana khona neMI Cape Town eSt George’s Oval, eGqeberha.
ISuper Giants izodlala umdlalo wayo wokuqala nePretoria Capitals eKingsmead Stadium, eThekwini, kusasa ngo-5.30 ntambama.
Iqembu leDurban’s Super Giants:
Keshav Maharaj (ukaputeni), Quinton de Kock, Naveen-ul-Haq, Kane Williamson, Chris Woakes, Prenelan Subrayen, Dwaine Pretorius, Brandon King, Noor Ahmad, Heinrich Klaasen, Jon-Jon Smuts, Wiaan Mulder, Junior Dala, Bryce Parsons, Matthew Breetzke, Jason Smith, Marcus Stoinis, Shamar Joseph, CJ King.
Imidlalo yeSA20
Namuhla: 5.30pm - Sunrisers Eastern Cape v MI Cape Town
Kusasa: 5.30pm - Durban’s Super Giants v Pretoria Capitals
NgoMgqibelo: 1pm - Paarl Royals v Sunrisers Eastern Cape
NgeSonto: Pretoria Capitals v Durban’s Super Giants