IFISA ukuzibona isidlalela iqembu lesizwe maduze intokazi esencane yaKwaMashu edlala ikhilikithi, uZiyanda Xulu.
Lo mdlali (16) ugile izimanga ngesikhathi edlalela iqembu laseKZN, i-Dolphins kwiCSA National Week eGoli, ngoDisemba, lapho esize khona leli qembu labuya nesicoco, waphinde waqokwa njengomshwibi ovelele esigabeni sika-Under-16.
UXulu ohlala esigcemeni sakwa-J, uthe uthando lwakhe lwekhilikithi lwenyuka ngesikhathi eqala ukudlala lo mdlalo ngo-2020, egijima eqenjini i-African Warriors khona KwaMashu, njengoba eseze wafika kwiDolphins.
“Ngafakwa abangani bami kwikhilikithi, ngavele ngasheshe ngayithanda, kwathi noma sebeshiya bona kodwa mina ngaqhubeka nokudlala. Bekuwumdlalo ebengike ngiwubuke kancane kwithelevishini kodwa uthando lwaqina kakhulu ngesikhathi sengiwudlala,” kusho uXulu.
Lo mfundi wasesikoleni iNqabakazulu Comprehensive High uthe ukubalwa nabadlali abavelele emqhudelwaneni obuhlanganise amaqembu aqhamuka ezifundazweni ezehlukene kumkhombise ukuthi uyasondela ekufezeni iphupho lakhe lokumela izwe ngelinye ilanga.
“Ngidlale kahle kulo mqhudelwano. Ngonyaka odlule umqeqeshi wethu wasinika izincwadi wathi sibhale phansi zonke izinhloso zethu. Mina ngabhala ukuthi ngifisa ukuthi ngibe wumshwibi wokuqala eqenjini lethu, ngiphinde ngivelele kubashwibi uma sesidlala umqhudelwano. Ngiyaziqhenya ngoba ngikufezile konke lokho,” uqhube kanje uXulu.
“Iphupho lami elisha sekuwukungena eqenjini lesizwe lika-Under-19, ngidlale kahle kulona, bese ngokuhamba kweminyaka ngidlulela kwelikhulu lesizwe. Ngiyazi ukuthi ngeke kube lula ngoba izinga lekhilikithi yabesifazane likhuphuka minyaka yonke, futhi maningi namantombazane asengene kulo mdlalo. Kodwa ngiyethemba ukuthi uma ngiqhubeka nokusebenza ngizofinyelela lapho.”
Umqeqeshi weDolphins Under-16, uDheyanka Naidoo, unethemba lokuthi uXulu angalandela ezinyathelweni zabadlali abukela kubona, u-Ayanda Hlubi no-Andile Simelane, naye agcine esedlalela amaProteas.
“Ngichazekile ngendlela uZiyanda ashwibe ngayo emqhudelwaneni obuseGoli. Bengivele ngazi ukuthi kukhulu angakwenza. Ukuqeda umqhudelwano njengomshwibi ovelele kusho lukhulu. Wabonisa emdlalweni wokuqala ngesikhathi ethatha amawikhethi ayisithupha ukuthi uzimisele kangakanani. Ngiyethemba ukuthi indlela adlale ngayo ilithathile iso labaqoki bamaqembu esizwe,” kusho uNaidoo.
UNaidoo uphinde wabonga wanconcoza kubaqeqeshi abasebenza kuma-CSA Hubs, okuyizikhungo ezivumbulula abadlali emalokishini nasemakhaya, ngokufundisa laba badlali izinto ezimqoka ukuze bafike emaqenjini aphezulu sebenalo ulwazi olubalulekile.
Amehlo kaXulu azobe ethe njo eqenjini lesizwe lamantombazane lika-Under-19 elizodlala eNdebeni yoMhlaba ezobanjelwa eMalaysia, kusukela ngoJanuwari 18 kuya kuFebhuwari 2.
Kuleli qembu kuzobe kukhona omunye umdlali odlule kweleDolphins lika-Under-16, uSeshnie Naidu, ophinde adlalele neqembu elikhulu lamaProteas esifazane.
Iqembu lakuleli lizoqala lo mqhudelwano kuGroup C lapho liqhathwe khona neNew Zealand, Nigeria neSamoa. Lizovula neNew Zealand eBorneo Cricket Ground, eSarawak, ngoJanuwari 19.
“Kuyakhuthaza ukubona abadlali abadlule lapho ngikhona sebedlalela amaqembu esizwe. Kuyisibonelo sokuthi uma ngiqhubeka nokuzimisela nami nginethuba lokufika lapho sebefike khona,” kubeka uXulu..
“Ngikubheke ngabomvu ukubona ukuthi iqembu lakuleli lizodlala kanjani kulo mqhudelwano ngoba kuyiphupho lami elikhulu ukuwina iNdebe yoMhlaba ngelinye ilanga,” uphethe kanje.