Kaizer Chiefs (0) 0
Golden Arrows (0) 1
IKaizer Chiefs iphoxe abalandeli abadele imvula belindele ukuthi kuqhubeke injabulo yokuqoqa amaphuzu ngesikhathi ikhala ngaphansi kwiLamontville Golden Arrows eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ntambama.
Igoli eliwenze i-Arrows lishaywe nguGladwin Shitolo ngesiwombe sesibili kulo mdlalo obukungowasekhaya kwiChiefs.
IChiefs elokhu iqhubekile nokubhala icisha, ishaywa yi-Arrows nje ibibuya ekunqobeni iStellenbosch FC ngo 2-1 maphakathi nesonto, ekubeni ngaphambi kwalowo mdlalo ibibuya esibhaxwini sika 1-0 kwiCape Town City. Lokhu kuyinkomba yokwehluleka kwaleli qembu laseSoweto ukugcina umgqigqo.
Empeleni iChiefs kufanele izisole bona ngokwehlulwa kwayo yi-Arrows kulo mdlalo njengoba ngesiwombe sokuqala kuyiyona ethole indathane yamathuba okubhakuzisa inethi futhi kuyiyona ebiphezulu ngomdlalo kodwa yehluleka ukuwasebenzisa okubalwa nebhola elikhishwe nguNduduzo Sibiya sekusele kancane leqe ulayini selimdlile unozinti we-Arrows, u-Ismail Watenga ngomzuzu ka-36.
Zibuya nje ekhefini, iChiefs yenze izinguquko ifaka uRanga Chivaviro endaweni kaTebogo Potsane, yafaka noReeve Frosler endaweni kaNjabulo Blom.
Emizuzwini embalwa nje engenile uChivaviro, uhlulwe uhlaba udle wethuba lokushayela Amakhosi igoli eshaya ibhola eliphuma eceleni kwepali ngomzuzu ka-49, ngemuva kwebhola abelibekelwe nguMduduzi Tshabalala, maqede wahhewulwa ngabalandeli baleli qembu.
IChiefs igcine ithola isijeziso ngokuyeka kwayo amathuba ngenkathi uShitolo evalela phakathi igoli le-Arrows ngomzuzu ka-56, kade kuyi-free kick.
UFrosler naye ucishe watholela iChiefs elokulinganisa ngomzuzu ka-61 ibhola lakhe lishaya ipali maqede labuyela ezandleni zikanozinti uWatenga, sebesukume bama ngezinyawo abalandeli baleli qembu abebephume ngobuningi eMabhida.
Ngokuwina kwiChiefs, Abafana Bes’thende babuyele kwi-Top 8. Lokhu akubuzwa ukuthi kuzokwehlisa ingcindezi ethimbeni labaqeqeshi eliholwa nguKagiso Dikgacoi owayeyinjini yaleli qembu eminyakeni edlule.
Ngakolunye uhlangothi, ukwehluleka kwaMakhosi ukugcina umgqigqo nokulahla amaphuzu ngale ndlela kuqongisa ingcindezi kumqeqeshi waleli qembu, uNasreddine Nabi, othathe izintambo ekuqaleni kwale sizini kubhekwe lukhulu kuyena.