UPHINDE wadedelwa umshanelo welala wokukhuculula kwelinye iqembu laKwaZulu-Natal elidlala kwiDStv Premiership emuva kokuba iMaritzburg United isike iphethini komakhelwane bayo AmaZulu FC, ngokudiliza abadlali abayisishiyagalombili.
Kwenzeka lokhu nje, akukapholi maseko AmaZulu evulele izembe ededela abadlali abangu-15 kulo leli sonto.
Ngokwesitatimende esikhishwe abeMaritzburg izolo, ohlwini lwalaba badlali abakhonjwe indlela kubalwa uNazeer Allie, uClayton Daniels, uPhumlani Ntshangase, uTato Lesoma, uSteven Pereira, uRiyaaz Ismail, uLucky Baloyi noRyan Rae.
Phakathi kwabadlali abadilizwe yileli qembu kubalwa izinsika zabadlali basemuva abanamava nasebekhulile uDaniels no-Allie, noNtshangase oyinjini yasesiswini.
Ukukhululwa kukaDaniels no-Allie, bobabili abaneminyaka engu-37 ubudala, kuyinkomba yokuthi leli qembu alinazo izinhlelo zokusebenzisa amava abo, ikakhulukazi ezinhlakeni zabadlali abasakhuliswa zaleli qembu njengoba lenzile phambilini kubadlali okubalwa kubona uFadlu Davids noPeter Petersen abaphendlelwa izikhala kwezokuqeqesha emuva kokuwaphanyeka emgibeni amkhokho ngenxa yeminyaka.
Njengamanje uDavids uqeqesha kwi-Orlando Pirates, kanti uPetersen uqeqesha iqembu leMaritzburg elidlala kwiDStv Diski Challenge.
Ngakolunye uhlangothi uLucky Baloyi ojoyine leli qembu laseMphithi ngasekuqaleni kwesizini edlule esuka kwiRoyal AM ebisanda kuthenga ilungelo leBloemfontein Celtic, bekubhekwe lukhulu kuyena ngenxa yamava akhe enkabeni yenkundla.
Kanti ukuhlushwa wukulimala kukaPhumlani Ntshangase obesedlale amasizini amathathu kuleli qembu, kubukeka kuyikho okumdonsele amanzi ngomsele.
Ukuqeda kweTeam of Choice endaweni ka-12 kwi-log yePremiership, kuyacaca ukuthi nakho kube nomthelela ekukhucululeni kwaleli qembu, nokulindeleke ukuba lingene ligxile emakethe, lithole abadlali abazokwazi ukuvala izikhala zalaba abadedeliwe.
Empeleni leli qembu, eliphethwe nguFarook Kadodia, liyaziwa ngokuba neso elibukhali ekuthezeni abadlali emaqenjini asemazweni ase-Afrika.
Ngaphandle kokusayinisa u-Amadou Soukouna waseFrance kodwa odabuka eSenegal, maphakathi nesizini esanda kuphela, leli qembu lisayinise abagadli ababili baseZimbabwe naseZambia, uTawanda Macheke noFriday Samu.
USamu, ongumgadli odabuka eZambia emidlalweni engu-13 ayidlalile kule sizini esanda kusongwa, ukhombise izimpawu zokuba ngumgadli obukhali njengoba eshaye amagoli amahlanu waba ngumvusi wenyamazane kwamabili.