KUNGAQOPHEKA omunye umlando kwiHollywoodbets Durban July yanonyaka uma ingase iphinde inqotshwe ngujokhi omnyama, osekwenzeke kabili kulandelana emijahweni yakamuva.
Lo mjaho ka-2200m, onesiteki sika-R5 million, uzobanjelwa eHollywoodbets Greyville Racecourse ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.
Nyakenye wanqotshwa nguKabelo Matsunyane owayegibele ihhashi, uWinchester Mansion, ethatha isicoco kuS’manga Khumalo owasinqoba ngo-2022 ngoSparkling Water.
UKhumalo usewunqobe kabili. Waqopha umlando ngo-2013 eba ngujokhi wokuqala omnyama ukudla umhlanganiso ngoHeavy Metal.
Isibalo sojokhi abamnyama kuleli siya ngokuya sikhula njengoba kunezinhlelo zeSouth African Jockey Academy zokuvundulula ojokhi abanethalente kuwona wonke amakhona eNingizimu Afrika.
Kulo nyaka bazobe beyisihlanu emjahweni omkhulu okuzobe kungowesikhombisa osukwini.
UMuzi Yeni uzobe egibele uRoyal Victory (1), uPhilasande Mxoli elawula uPurple Pitcher (8), uMatsunyane uzovikela isicoco ngoWinchester Mansion (9), u-Athandiwe Mgudlwa atshakadulise uMeridius (13) bese uKhumalo egibela uCousin Casey (15).
Umhlaziyi wemijaho yamahhashi, uSandile Nethisa, uthe ukudlondlobala kwalabo jokhi kungakhathula indima enkulu ekukhuliseni lo mdlalo kubantu abamnyama.
“Kuhle ukubona isibalo sojokhi abamnyama sikhuphuka futhi bengagcini nje ngokungenela kodwa benza kahle. Kunojokhi asebemnkatshubomvu njengoKhumalo noYeni nabanye kodwa kuyajabulisa ukubona nabanye abalandela ezinyathelweni zabo abasazoqhubekela phambili eminyakeni ezayo,” kusho uNethisa.
“Ukudlondlobala kwabo kuzokwenza nentsha isondele emahhashini, iqonde futhi ukuthi lo mdlalo mkhulu kangakanani. Kungenzeka ukuthi abanye abantu bacabanga ukuthi amahhashi yinto yemfashini futhi kuba nomjaho owodwa ngonyaka kodwa iqiniso wukuthi isizini yamahhashi yinde futhi idinga ukulandelwa iqala ize iyophela.
“Nakuba ihhashi likaYeni lingathwelwe ngeqoma kodwa lingelinye lalawo enze kahle ngesikhathi ehlola umzila ngesonto eledlule. Kungenzeka ukuthi limangaze. Sekukaningi engenela lo mjaho nehhashi eliyimfivilithi kodwa kungamlungeli, mhlawumbe kulokhu kuzoba wunyaka wakhe.”
UNethisa ubale uRoyal Victory (1), Future Swing (4), Green With Envy (5), Winchester Mansion (9), See It Again (10) noFlag Man (17) njengamahhashi amaphanta angabambelela kuwona uma efuna ukuzama inhlanhla emjahweni wakusasa.
“Amahhashi ayafana nebhola. Kuyenzeka ojokhi namahhashi babe sefomini kodwa kushintshe ukudla epletini ngosuku lomjaho. Engingakusho wukuthi la mahhashi abukeka esesimeni esihle futhi ongawabhejela ukuthi angene wonke kwi-Top 6 kungenzeka alale esehleka yedwa,” usho kanje.
“Kwale kancane ukuthi uPiere Strydom aphume phambili ngoSee It Again nyakenye, uFuture Swing uzobe egitshelwe wujokhi onqobe inqwaba yemijaho kule sizini, uRichard Fourie. Yize uGreen With Envy ezobe eqala ukugijima kwiDurban July kodwa uzobe elawulwa wujokhi osezakhele igama, uCraig Zackey.”
UNethisa uthe akhona amafomu asuke ehlanganiswe ongoti okulekelela labo abangajwayele ukubheja adayiswayo enkundleni yemijaho futhi atholakalayo nakwi-internet.
Isiyonke ingu-12 imijaho ezobanjelwa eGreyville kusasa kusukela ngo-11.45 ekuseni. Umjaho omkhulu uzoqala ngo-4 ntambama. Owokugcina uzoqala ngo-7.40 ebusuku.