UNOZINTI we-All Stars, u-Ayanda Mtshali, ukholwa wukuthi ukudlala kwabo neqembu elinjenge-Orlando Pirates emqhudelwaneni, iNedbank Cup, kubanike isifundo okuzomele basisebenzise emidlalweni yabo elandelayo njengoba besabhekene nomshikashika weMotsepe Foundation Championship.
I-All Stars iguqiswe ngo-2-0 yiPirates emzuliswaneni wokuqala weNedbank Cup ngeledlule, nosekusho ukugxila kwayo ngokuphelele emshikashikeni wokulwela isicoco seMotsepe Foundation Championship, njengoba isendaweni yesithupha kwi-log yalesi sigaba.
Izotholana phezulu ne-University of Pretoria, eSoshanguve Giant Stadium, ePitoli, kusasa ngo-3 ntambama.
UMtshali oke wayibamba emaqenjini ehlukene kwiDStv Premiership kumasizini edlule, ungomunye wabadlali abambalwa kuleli qembu asebeke badlala esigabeni sePremiership, iningi labo basengamavukana.
“Yize kuhlale kuyinto ebuhlungu ukuphuma ekuseni kunanoma yimuphi umqhudelwano womkhumulajezi kodwa iqiniso wukuthi besazi ukuthi ukudlala kwethu neqembu elinjengePirates bekungeke kube yinto elula.
Ngikholwa wukuthi ukudlala kwethu neqembu elinjengaleli, elidlala esigabeni esingaphezulu kwesethu, kubavule amehlo abadlali bethu abaniningi, ikakhulukazi njengoba sisazodlala imidlalo emqoka elandelayo yeligi.
Iningi labadlali bethu abakaze badlale esigabeni sePremiership, futhi bebeqala ukubhekana nabadlali bePirates enkundleni. Ngakho bafunde okuthile, lokho kubonakala nangendlela nje, izinga lokuzethemba elenyuke ngayo kubadlali bethu ekhempini,” kusho uMtshali, odabuka eMadadeni, eNewcastle.
Ephawula ngomdlalo namaTuks uthe: “Siyazi ukuthi akuwona neze umdlalo olula lo esiyowudlala yize sidlalela ekhaya njengoba isiqalile ukubuyelwa yifomu.
Amaphuzu amathathu siwadinga ephelele, ngoba inhloso yethu ukuqhubeka nokulwela ukuba phakathi kwamaqembu aphezulu kwi-log.
Yize kusengenzeka noma yini kule midlalo engu-13 esele ngombango wesicoco seligi, kodwa ukuqeda phakathi kwamaqembu amathathu aphezulu kubaluleke kakhulu ngoba kunikana ithuba lokudlala kumaPlay-Off.”
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla ngo-3pm:
TTM v Casric Stars (Thohoyandou Stadium); Magesi FC v JDR Stars (Old Peter Mokaba Stadium); Pretoria Callies v City Rovers (Lucas Moripe Stadium); Baroka FC v Venda FC (Baroka FC Village)
Kusasa ngo-3pm:
All Stars v University of Pretoria (Soshanguve Stadium); Black Leopards v Polokwane City (Malamulele Stadium)