Richards Bay FC (0) 1
Orlando Pirates (2) 3
I-Orlando Pirates iwuqale ngonyawo oluhle umkhankaso wokuvikela isicoco seNedbank Cup ibhaxabula iRichards Bay FC kowe-Last 32 walo mqhudelwano eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ntambama.
Amagoli enqobe ngawo iPirates avalelwe phakathi nguPatrick “Tito” Maswanganyi, womabili ngesiwombe sesibili. Elesithathu lishaywe nguTshegofatso Mabasa ngemizuzu yokugcina yokuphela komdlalo yesikhathi ebesesengezwe ngunompempe.
IPirates isheshe yakhombisa ukuba yingozi zibekwa nje ebhandeni, ihlasela kuvalwe amehlo. Akungamangazanga ngenkathi uMaswanganyi evalela igoli ngomzuzu ka-22 ngemuva komnyakazo omuhle kaRelebohile Mofokeng.
Akuphelanga sikhathi esingakanani iPirates ebilokhu ihlaselile, yathola elesibili uMaswanganyi eqedela uhlaba udle webhola abelibekelwe nguye futhi uMofokeng ngomzuzu ka-26.
Nakuba beziye ekhefini iPirates ihamba phambili ngamagoli amabili kodwa ngesiwombe sesibili iRichards Bay ikhombise ukuba yiqembu elingcono kakhulu kunangesiwombe sokuqala. Zithe zibuya nje ekhefini yathola igoli ngonyawo lukaYanela Mbuthuna ngomzuzu ka-46 eqedela ibhola ebelishise unozinti wePirates, uMelusi Buthelezi, ebelidudulwe nguThulani Gumede.
Empeleni ukuba iNatal Rich Boyz iwasebenzise ngendlela amathuba ewatholile, ibangawathola amagoli okulinganisa.
Ngenkathi sekubalwa imizuzu kukhale impempe, uMabasa ushaye igoli lesithathu elishayele isipikili sokugcina ekwenzeni isiqiniseko sokuthi ezikaMagebhula ebeziyigcwalise phama iKing Zwelithini zidlulela kwi-Last 16, eshaya igoli ngomzuzu ka-93 eqedela ibhola ebeligotshwe nguKabelo Dlamini kade kuyi-free kick.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi weZimnyama, uJose Riveiro, uthe: “Ngijabule ngokwedlulela kwethu emzuliswaneni olandelayo, ngicabanga ukuthi sidlale kangcono kakhulu ngesiwombe sokuqala. Nokho, ngesiwombe sesibili umqeqeshi wabo kusho ukuthi ubatshele okungcono ngoba bese bedlala kangcono kakhulu (abeBay), bengasawenzi la maphutha abebewenza ngesiwombe sokuqala.”
Ifomu yeZimnyama engagayelwa mphako kulezi zinsuku, kubhekwe ngabomvu ukuthi izoqhubeka yini kowomdlalo wabakhaya baseSoweto neKaizer Chiefs, ngoMgqibelo, eFNB Stadium, eGoli.