KUNOMSINDO ofufusa buthuli ngombango wesicoco seDStv Diski Challenge (DDC) ophakathi kweStellenbosch FC neKaizer Chiefs ngomdlalo owahlehliswa ezinyangeni ezedlule kodwa kuze kube imanje i-Premier Soccer League (PSL) ayikaze isho lutho ngawo.
Lokhu kuhlaluke enkulumweni yomqeqeshi weStellies kwiDDC, u-Evangelos Vellios, nabezindaba ngeledlule ngodaba lomdlalo weChiefs neChippa owahlehla ngezizathu ezingaziwa.
Ngempelasonto edlule eKapa iStellies ibambane neChiefs ngo 1-1 kobubhekwe ngabomvu embangweni wesicoco okushiye Amakhosi esicongweni ngamaphuzu angu-55.
IStellies ephambili ngomdlalo owodwa kwiChiefs ilele isibili ngawu-54.
NgokukaVellios obekhuluma nabezindaba ngemuva koweChiefs, kabazi noma bajaha iChiefs engcono kubona ngephuzu elilodwa noma ngamane.
Indaba yasuka ezinyangeni ezedlule lapho iChiefs yaphoqeleka khona ukujika isifikile e-Eastern Cape lapho kwakufanele iyodlala khona neChippa.
Yize i-PSL yakhipha isitatimende esifushane nesasingenayo imininingwane egcwele ngokuhlehla komdlalo kodwa kusukela lapho ayikaze iphinde isho lutho kubona ngokusho kukaVellios.
Kuyona le nkulumo lo mqeqeshi ovikela isicoco njengoba sekusele imidlalo engaphansi kwemihlanu ukuthi kusongwe isizini, kuvele nokuthi iStellies isihoshile ukuthi iChiefs izogixatshezwa ngala maphuzu eChippa.
Kule mpelasonto iStellies neChiefs banemidlalo enzima neRichards Bay FC ne-TS Galaxy ngoMgqibelo nangeSonto ngokwahlukana eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
“Angikwazi ukusho ukuthi sijaha iqembu elinamaphuzu amangaki uma kuzoya ngobufakazi esibuhoshe ngophenyo esizenzela lona eceleni ngalolu daba,” kusho uVellios.
“Ayaqina amahlebezi okuthi amaphuzu eChippa azonikwa iChiefs kodwa okusiphatha kabi ukuthi lokhu sikuzwa ngabantu kodwa iligi ikhona.
“Sinengekile kodwa ngeke sivume ukuthi lokhu kusiphazamise emizamweni yethu yokuvikela isicoco. Angu-12 amaphuzu esisazowadlalela ngakho-ke okumqoka ukuqinisekisa ukuthi wonke asala ngakithina.
“Unobhutshuzwayo ngeke uwuqagele kungadlalwa ngakho-ke kusengenzeka noma yini ngombango wesicoco. Okungasiza ukuthi iligi isikhiphe ebumnyameni ngokuzokwenzeka ngomdlalo owahlehla phakathi kweChippa neChiefs,” kusho uVellios.
Kodlalwe izolo emini AmaZulu FC anqobe ngo 4-1 kwiMagesi FC eChatsworth Stadium, eThekwini.
Isiyonke imidlalo yeDDC kule mpelasonto imi kanje:
NgoMgqibelo
Richards Bay FC v Stellenbosch FC (Sugar Ray Xulu, 10am); SuperSport United v Lamontville Golden Arrows (Sugar Ray Xulu, 12pm); Magesi FC v Sekhukhune United (Old Peter Mokaba Stadium, 12pm).
NgeSonto
AmaZulu FC v Cape Town City (Sugar Ray Xulu, 10am); TS Galaxy v Kaizer Chiefs (Sugar Ray Xulu, 12pm); Mamelodi Sundowns v Chippa United (Lucas Moripe Stadium, 10am); Polokwane City v Orlando Pirates (Old Peter Mokaba Stadium 10am).