LIKHULU ithemba lokuthi iqembu lakuleli lesizwe le-netball lisengabuya ochungechungeni eliludlala neJamaica yize likhale ngaphansi emdlalweni wokuqala ngokusho komqeqeshi uJenny van Dyk nokaputeni uKhanyisa Chawane.
IJamaica inqobe ngo 55-47 kowokuvula iMargaret Beckford Sunshine Series obuseNational Indoor Sports Centre, eKingston, ngeSonto ekuseni.
Kuphele ikota yokuqala amaqembu ebambene ngo 12-12. ISunshine Girls ithole ithuba lokunweba igebe ngeyesibili lapho amaProteas elinyalelwe khona ngumdlali wasemuva uNicola Smith, kwathi obemngenele, u-Ane Retief, wakhishwa ngekhadi lesibili.
Yize iqembu lakuleli lizamile ukubuya kumakota amabili okugcina kodwa iJamaica ikwazile ukulivimba, yanqoba ngamagoli ayisishiyagalombili.
“Ngesikhathi sigcina ukudlala neJamaica yasihlula ngamaphuzu angu-18, kulokhu silinciphisile igebe. Kukhona okuhle esingasebenzela kukhona emdlalweni ozayo ngoba sizobe sesiqonda kangcono ukuthi yini okufanele siyilindele,” kusho uVan Dyk.
“Besazi ukuthi badlala kanjani ngoba sibahlaziyile kodwa uthola isithombe esingcono uma usudlalile nabo. Izinhlelo ebesinazo ziphazamisekile ngesikhathi silahlekelwa abadlali kwikota yesibili ngesikhathi silahlekelwa uNicola, kwaphinde kwakhishwa umdlali. Kuningi esingakuthatha kulo mdlalo futhi siyakwazi okumele sikulungise.”
Lawa maqembu azophinde atholane phezulu kusasa ngo-2 entathakusa ngaphambi kokuthi asonge lolu chungechunge ngeSonto ekuseni.
Ukaputeni wamaProteas, uKhanyisa Chawane, unethemba lokuthi bangazibuyisa izinduku emdlalweni olandelayo ukuze owokugcina ufane nowamanqamu.
“Ngicabanga ukuthi umdlalo uhambe kahle. Ngiyaziqhenya ngeqembu ngendlela elizimisele ngayo enkundleni. Ikota yokuqala isikhombisile ukuthi singakwazi ukuqhudelwana neJamica,” kusho uChawane.
“Akukho okuningi okufaele sikushintshe kodwa kufanele siqinisekise ukuthi izinga aslilehlisi kuze kuphele imizuzu engu-60. Siluqale kahle uchungechunge futhi sesiyazi ukuthi yikuphi okufanele sikulungise.”
Iqembu lakuleli lika-Under-21 liluqale ngegiya eliphezulu uchungechunge eliludlala nelika-Under-21 laseJamaica linqoba umdlalo wokuqala ngo 61-31.
Lawa maqembu azophinde abhule amazolo namuhla ngo-10 ebusuku ngaphambi kokuthi kudlale amaqembu amakhulu.