IZINKULUMO ezikhomba uChristian Saile waseDemocratic Republic of Congo (DRC) endleleni ephumayo kwiKaizer Chiefs, kubukeka zikuqinisa ukuthi leli qembu laseNaturena lizomlanda ngaphandle umgadli ofunwa ngumqeqeshi uNasreddine Nabi.
Njengoba kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali, igama likaSaile liphambili kwabangase baphelelwe yindawo kuleli qembu elingenzi ngendlela ebilindelekile ngaphansi kobuholi balo mqeqeshi waseTunisia.
Okugqamayo ngokudedelwa kukaSaile okhonjwa kwiSuperSport United, wukuthi kuzobe kuvulela leli qembu uphawini wokwengeza ngomunye umdlali ongeyena umsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika.
IChiefs noNabi abakufihli ukuthi bathungatha umgadli wangaphandle kanti baningi asebemataniswe nabo kusukela kwabadlalela amaqembu ase-Europe kuya kwabadlalela awase-Afrika.
Njengamanje emabhukwini iChiefs kunabadlali abahlanu abangebona abaseMzansi okunguSaile, Thatayaone Ditlhokwe (Botswana), Edson Castillo (Colombia), Inacio Miguel (Angola) noFiacre Ntwari (Rwanda).
Ukuze kuvuleke uphawini wokuthi uNabi athole umgadli wangaphandle ongalibheki ipali ahlale ekhala ngaye, kufanele kuhambe oyedwa.
Akuzange kudingeke ukuthi iChiefs iyiqinisekise indaba kaSaile kepha umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, uphahlukile ngeledlule washo ukuthi umlindele lo mdlali waseDRC owafika kuleli ethwelwe ngeqoma ukuthi uzoba yimpendulo yamagoli.
Akagcinanga lapho, uHunt kepha uphinde waqinisekisa nendaba yokusayina kuMakhosi kobengumgadli wabo, uTashreeq Matthews, athe bebengeke bame endleleni yakhe kwazise iChiefs ibimethembisa itshe lemali.
Ngesikhathi uSaile efika kwakunelikhulu igidigidi ngaye kodwa kuhambe isikhathi wagcina esengomunye wabahhewulwa ngabalandeli kwazise bekusobala ukuthi akakhona lokhu ababezitshela ukuthi uzoba yikhona.
Kusukela uSaile efikile kwiChiefs ngoJanuwari ka-2023 esuka kwiNchana Rangers yaseZambia, useyidlalele amahlandla angu-49 wayishayela amagoli ayisithupha kuyona yonke imiqhudelwano.
Kusemqoka nokho ukukubalula ukuthi ngesikhathi uSaile eshisa izikhotha eZambia wayedlala njengomgadli, hhayi ezimpondweni lapho iChiefs imbomphela khona.
Okunye okuqapheleka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ingxenye ethile yabalandeli beChiefs ishaya amakhala ngokusayiniswa kukaMatthews obenyamalele emuva kokuchithwa yiSekhukhune United njengoba eseqhamuka kwiSuperSport ngo-Okthoba nyakenye.
Nakuba uMatthews (30) eneminyaka engaphezulu kwengu-10 esigabeni esikhokhelayo sebhola laseMzansi kodwa akakaze ashaye amagoli eligi angaphezulu kwayisithupha emaqenjini adlale kuwona.
Lokhu kungezinye zezizathu abanye babalandeli beChiefs bashaya amakhala ngalo mgadli ngoba okudingwa iqembu manje umuntu ozofaka ibhola enethini ngaso sonke isikhathi.