Orlando Pirates FC (3)4
Disciples FC (0)0
I-Orlando Pirates izibeke ethubeni lokuziphindiselela kwiJwaneng Galaxy idlula ngehubo kwiDisciples FC yaseMadagascar emdlalweni womlenze wesibili wesigaba sokuqala sokuhlunga seCaf Champions League e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu ebusuku.
Igoli lokuqala lePirates kube wumkhonto ogwaze ekhaya ka-Andoniaina Andrianavalona weDisciples ngomzuzu wesishiyagalolunye. Amanye ashaywe nguRelebohile Mofokeng, Patrick Maswanganyi noKarim Kimvuidi esiwombeni ngasinye.
Emdlalweni womlenze wokuqala, iPirates ibambane ngo 0-0 neDisciples eMauritius. Lokhu kulethe uvalo kubalandeli beZimnyama ezakhishwa ekuseni yiGalaxy yaseBotswana ngesizini edlule.
Ngokwehlula iDisciples, iPirates izobhekana neqembu elizowina phakathi kweGalaxy ne-African Stars yaseNamibia abazodlala ngoMgqibelo eBotswana National Stadium ngo-4 ntambama. IGalaxy izongena enkundleni ilandela emuva ngo 1-0 ehlulwe ngawo kowomlenze wokuqala eNamibia ngesonto eledlule. Amaqembu angu-27 okuzophela impelasonto esedlulele phambili kwiChampions League, azohlanganiswa nezinkunzi eziyisihlanu ezingayidlalanga eyesigaba sokuqala sokuhlunga okuyiMamelodi Sundowns, Al Ahly yase-Egypt, Esperance yaseTunisia, Petro de Luanda yase-Angola neTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ukukhipha angu-32. Angu-16 azodlulela phambili, azongena esigabeni samaqoqo.
Emdlalweni neDisciples, iPirates ihlasele zibekwa ifuna igoli ngokushesha. Kusheshe kwayilungela ngomzuzu wesishiyagalolunye ngesikhathi Andrianavalona ethi uhlokoza ibhola kuTshegofatso Mabasa kodwa labhanjwa enethini. Emuva kwalokho, eZimnyama ziqhubekile nokufaka ingcindezi ezihambini. Ngomzuzu ka-24, uMofokeng uzishayele elesibili emuva kokuvula udonga lwasemuva lweDisciples. Emuva kwemizuzu emine uMaswangayi ushaye ingcwenga yegoli emuva kokuthola ibhola ebelichithwe yiDisciples engaphandle kwebhokisi.
Esiwombeni sesibili, iPirates iqhubeke lapho ebigcine khona ngokufaka ingcindezi kwiDisciples ebesizama ukushoshela phambili. Nakuba ibisaqhubeka nokufuna amanye amagoli kodwa zibonakele izimpawu zokwaneliseka kumqeqeshi, uJose Riveiro, owenze izinguquko ezahlukene esiwombeni sesibili. Lokhu kukucacise ngokusobala ukuthi uhlose ukuphumuza abadlali kwazise umsebenzi kade sebewuqedile. Ngesikhathi sekulindwe ukuthi unompempe ashaye impempe yokuqeda umdlalo, uKimvuidi ushayele isipikili sokugcina.
IPirates izobuyela enkundleni ngoLwesibili uma isivakashela iCape Town City emdlalweni womlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN8 eCape Town Stadium, eKapa, ngo-7 ebusuku.