IQEMBU lakuleli lizodlala eNdebeni yoMhlaba yokuqala ngqa yomdlalo kaKho-Kho ozobanjelwa eNew Delhi, e-India, kusukela ngoMsombuluko iphele ngoJanuwari 19.
INingizimu Afrika izomelwa ngamaqembu amabili okungelabesilisa nelabesifazane. Iqembu ngalinye linabadlali abangu-15 abazothwala amathemba oMzansi okuqopha umlando wokuwina iNdebe yoMhlaba kaKho-Kho iqala ukudlalwa. UKho-Kho udlalelwa endaweni evulekile engamamitha angu-30. Ibuye ubizwe ngekati negundane njengoba kujahanwa.
Angu-24 amazwe azobe egadulisana okuyi-Argentina, Australia, Bangladesh, Bhutan, Brazil, England, Germany, Ghana, India, Indonesia, Iran, Kenya, Malaysia, Nepal, Netherlands, New Zealand, Pakistan, Peru, Poland, South Afrika, South Korea, Sri Lanka, Uganda kanye ne-USA. INingizimu Afrika ikeliswe kuGroup B neGhana, Argentina, Netherlands ne-Iran.
Umqeqeshi weqembu labesilisa laseMzansi, uXolile Ndaba, uthe ubonga uMnyango wezeMidlalo neKho-Kho Association of South Afrika ngokukhulisa lo mdlalo.
"Siyiqembu laseMzansi sijabule kakhulu ngethuba lokumela izwe lethu emdlalweni yomhlaba. Le midlalo izobe isezingeni eliphezulu futhi izonika abadlali baseMzansi ithuba lokuziveza ezingeni lomhlaba," kusho uNdaba.
Iqembu labesilisa lithakwe kanje: Tebogo Mocumi (North West), Bongani Mtshweni (Mpumalanga), Linathi Pikoko (Western Cape), Lethoba Benjamin (North West), Mduduzi Mokwena (Mpumalanga), Nhlalwenhle Khoza (KwaZulu-Natal), Wonder Ngcobo (KwaZulu-Natal), Alex Phiri (Gauteng), Linda Masina (North West), Malibongwe Tyatyeka (Eastern Cape), Lethlogonolo Stock (Northern Cape), Xolisile Aphane (Mpumalanga), Thato Motloug (Free State), Sabelo Jobo (Eastern Cape) noMelusi Sibiya (Mpumalanga).
UNdaba uthe abantu baseNingizimu Afrika abalindele ukubona iqembu eliza nokuhlukile.
"Leli qembu lihlanganisa abadlali abaqhamuka kuzo zonke izinkalo zakuleli. Liza nokukhulu ukuzethemba, ukubambisana nokusebenzela izwe okubaluleke kunakho konke. Abadlali abazodlala kule midlalo baqokwa emdlalweni yama-Provincial Indigeneous Games ebidlalelwa ezweni lonke lase Mzansi," usho kanje.
Ikhempu iqale ngoLwesibili eGauteng, kanti iqembu lifulathele iNingizimu Afrika izolo.