AKASABUTHI quthu ubuthongo owesifazane waseZidulwini, eNquthu, okwathi kusa ekuseni ngenyanga edlule, wakhangwa yikhanda lendodana lakhe lijikijelwe egcekeni.
UNkk Cabangile Ndlovu uthi namanje lesi sithombe asikavumi nhlobo ukuba sisuke emqondweni wakhe.
Kuzokhumbuleka phela ukuthi Isolezwe libike kakhulu ngalolu daba ngenyanga eyedlule.
Kusolakala ukuthi umufi, uMnuz Siyabonga Ndlovu, wabulawa ngesihluku ngumfowabo osagcwele amathafa kuze kube yimanje.
Owomndeni owakhuluma neSolezwe ngaphambilini waveza ukuthi ikhanda lalisegcekeni umzimba kamufi usendlini, wathi basola ukuthi umsolwa ogcwele amathafa nguyena obulele umufi.
"Ekhanda kunenkebenkebe yengozi ekhomba khona ukuthi uqale walinyazwa kabuhlungu ekhanda ngaphambi kokuba kususwe ikhanda lakhe,'' washo kanjena.
Waze waveza nokuthi basola ukuthi laba ababili umnyombo wengxabano yabo kube ukuthi umufi wayekade ekhuza umfowabo ngokuthi usegxile kakhulu kwizidakamizwa nasophuzweni oludakayo.
Lo womndeni watshela Isolezwe ukuthi ngosuku lesigameko umsolwa wayekade ehamba nqunu usuku lonke laze lashona ilanga.
Unina kamufi owabona kuqala ikhanda lendodana yakhe uthi ufisa ukuthola usizo lokululekwa ngokwengqondo ukuze kuzosuka lesi sithombe esikhona ekhanda lakhe.
"Angazi ukuthi ubani ongangisiza ngithole ukwalulekwa ngokwengqondo. Isithombe sekhanda lendodana lami lisegcekeni akuvumi ukuthi sisuke ekhanda. Angifuni ukuqamba amanga, yaze yangihlukumeza nansi into,'' usho kanjena.
Uthe ngaphezulu kokuhlukunyezwa yilesi sithombe esisengqondweni ukhathazwa ukuthi kuze kube yimanje akakatholakala umsolwa.
Uthe sebeqala nokusola ukuthi naye wafa ngoba sekukuningi manje okukhona ezingqondweni zabo.
"Singajabula kakhulu uma kungase kutholakale lo omunye ngoba manje sesiqala nokucabanga ukuthi mhlawumbe naye akasekho emhlabeni, kwazi bani,'' usho kanjena.
Ngaphambilini, amaphoyisa aKwaZulu-Natal awazange aphawule ngalesi sigameko.