ZIBHEKENE nengwadla ezinye zezikole zaKwaZulu-Natal ezizithengela izincwadi zokufunda kanjalo ne-stationery, njengoba zizovulwa ngezinkinga uma kungukuthi uMnyango wezeMfundo esifundazweni ugcina ungayifakanga imali.
Lezi zikole eziziphathela imali, ezaziwa ngo-Section 21, kuthiwa namanje umnyango awukayifaki imali eyaziwa ngama-norms and standards ukuze zithenge izinsiza ngaphambi kokuvulwa kwezikole ngoLwesithathu.
Ngakolunye uhlangothi ezikoleni ezingu-Section 20, eziphathelwa ngumnyango imali, zifikile izincwadi ne-stationery ngenxa yokuthi zithengelwa inkampani eyathola lo msebenzi, iNdabase.
Isolezwe lithole nokuthi kwayona iNdabase, ayikhokhelwe kodwa ithenge izincwadi ngesikweletu yazihambisa ezikoleni.
Umnyango usanda kukhipha isitatimende uveza ukuthi u-76% we-stationery, wahanjiswa ezikoleni sekusele inkeshezana eqale ukuyiswa ezikoleni namhlanje, kanti-u-99% wezincwadi wahanjiswa nyakenye.
Izinyunyana zothisha i-Sadtu ne-Natu zithe kungase kuvulwe ngezinkinga ngenxa yokuthi imali yezikole ayifakiwe ukuze zikwazi ukuthenga izincwadi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokubhalwa kwezivivinyo zamabanga aphakathi, i-Sadtu yavalela izikhulu zomnyango ifuna kufakwe le mali ukuze izikole zibhalise abafundi izivivinyo.
Umnyango wagcina uyifakile imali yezikole kodwa nakhona emuva komzukuzuku.
UNobhala we-Sadtu KwaZulu-Natal uNksz Nomarashiya Caluza, uthe ziningi izikole ezingakhokheliwe ezingakwazanga ukuzithengela izincwadi ne-stationery.
Uthe akaboni ukuthi kuzofundwa kulezi zikole uma kuvulwa izikole imali yama-norms and standards ingakhokhiwe.
“Siyi-Sadtu asizikhulumeli izinkampani ezenza imisebenzi nomnyango, kodwa singasho ukuthi inkampani esabalalisa izincwadi ezikoleni kwayona ayikhokheliwe. Lokhu kuqinisekiswe ngumnyango emhlanganweni ngoba uthi awunayo imali yokukhokha. Umnyango ukuvezile ukuthi unxuse owenza nabo imisebenzi ukuthi baqhubeke benze izinto noma bekweletwa ngumnyango.”
Uthe umnyango kumele uyibeke phambili eyokuhlinzeka izikole ngemali.
I-Natu esitatimendini ikhale esifanayo ngokuthi kuzoba nzima ukufundisa ezikoleni ezingayitholile imali nokuthi zisebenze ngaphandle kwezinsiza kufundisa, okuyizincwadi ne-stationery.
Ithe zonke izikole ezizithengela izincwadi aziyitholanga imali yazo yathi lokhu kwenze zangakwazi ukuthenga izincwadi.
“Lokhu kusho ukuthi abafundi basezikoleni ezevile ku-1 200 esifundazweni ngeke babe nezincwadi uma sekuvulwa izikole. Kuyihlazo ukuthi lo nyaka uzoqala ngezinkinga. Sinxusa umnyango ukuthi ufake imali ezikoleni ngokushesha ukuze lezi zikole zizithengele izincwadi,” kusho iNatu.
Imizamo yokuthola ukuphawula komnyango izolo ayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulile uMnuz Muzi Mahlambi okhulumela umnyango.
Inkinga yemali emnyangweni ayiyintsha njengoba cishe zinyanga zonke ukhala esifanayo.