KUBIKWA ukuthi kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala kulandela ukufa kwabantu abayisishiyagalombili ngemva kwesigameko sokudubulana endaweni yokucima ukoma elokishini iPienaar, eMpumalanga.
Ngezithuba zika-4 ekuseni, kube nesigameko sokudubula ePienaar, lapho abantu abayisithupha badutshulwe bashona endaweni yesigameko (oyedwa wesifazane, nabesilisa abahlanu) ngenkathi ezinye izisulu ezimbili (owesilisa, nowesifazane) ziphangalalele esibhedlela ngenxa yamanxeba okudutshulwa.
Ezinye izisulu ezintathu (abesilisa ababili, nowesifazane) zithola ukwelashwa ngemuva kokuthola imihuzuko ngesikhathi kudutshulwa.
Kutholakale izimoto ezimbili zohlobo lwe-VW Polo endaweni yesigameko zinezimbobo zezinhlamvu kwathi oyedwa watholakala eseshonile ngaphakathi kwenye yezimoto.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eMpumalanga, uBrigadier Donald Mdhluli, umsolwa oneminyaka engu-39 ubudala uboshwe ngeSonto ebusuku ePienaar, enesibhamu nezinhlamvu ezingu-13.