BAHLUKANE phakathi abantu bakuleli ngentshumayelo yomculi wokholo, uQhosha "King SomNala" Nala. Ubegqugquzela ukuhlobonga nokutholwa kwezingane ngaphandle komshado.
UNala ugqugquzele abantu besifazane abangashadile ukuba bazitike ngocansi olungaphephile ngala maholidi, ukuze bathole abantwana.
"Uma ungowesifazane oneminyaka engu-33, 34, 35, lapho nje. Awushadile futhi awunangane. Kuzofanele uzitholele indoda, ezokukhulelisa uthole ingane yakho. Akudingeki ukuba uze ushade kodwa akufanele uphuthelwe yithuba lokuba nomntwana ngenxa yokuthi awushadile. Udinga indoda eshadile noma engashadile, uma nje nivumelana. Niyixoxe indaba."
UNala uthe akufanele ukhathazwe ukuthi awunayo indoda bese ukhathazwa nawukuthi awunaye umntwana.
"Kukuwe-ke ukuthi ufuna ezimbili noma eyodwa kodwa zala ngoba ukuzala kuyisibusiso."
Unxuse abesifazane ukuthi bangazixaki ngevesi laseBhayibhelini elithi kuyisona ukuhlobonga noma ukulala nomuntu ongashadile naye.
Uthe akakhulumi ngabantu abakholelwa ekutheni uJesu watholakala ngenxa yoMoya oyiNgcwele.
"Labo bakholwa umsangano. Mina ngikhuluma nabantu ababhekene nempilo yangempela. AkunaNkulunkulu ongajezisa umuntu ngenxa yokuthola ingane engashadile."
Abanye bakhwele badilika kuNala futhi bashiya abangalazi bemsola ngokudlisa abantu ushevu kodwa abanye bathe ibambe ngakho, vele iqiniso liyababa.
Akukhona okokuqala uNala, othi useyinkosi enesizwe sayo, ezithintela iziqandu. Wasusa umsindo ezishaya isifuba ngokuba namanzi angcwele futhi wayethi ayiqeda nya ingculazi.
Wagcina esephendulana kabi noMbhishophi Vusi Dube weThekwini Community Church, noMnyango wezeMpilo KwaZulu -Natal.
NangoDisemba 31 wakugcizelela ukuthi unedamu elinamanzi angcwele azobe ephulukisa ngalo abantu abagulayo ku-340 Magwaza Maphalala Street eThekwini.