Orlando Pirates (1) 2
CR Belouizdad (0) 1
I-Orlando Pirates inyuse amathemba okwenza kahle kwiCaf Champions League ngokudlulela kuma-quarterfinal emuva kokushaya iCR Belouizdad yaseMorocco emdlalweni wesigaba samaqoqo kaGroup C e-Orlando Stadium, eSoweto, ngeSonto ntambama.
Amagoli eZimnyama ashaywe nguRelebohile Mofokeng noThalente Mbatha esiwombeni ngasinye. Elezivakashi libekwe enethini ngu-Abdelraouf Benguit seliyoshona.
Ukunqoba kwe-Al Ahly yase-Egypt ngo 3-1 kwiStade s’Abijan yase-Ivory Coast komunye kaGroup C odlalwe kuqala, kwenze owePirates neBeloiuzdad waqala sekuvele kunovalo zinhlangothi zombili kwazise ukuwina bese kumqoka kakhulu.
Ngale wini, iPirates ayigcinanga ngokuqeda amathuba eBelouizdad kulo mqhudelwano nokuzibekisela indawo kuma-quarterfinal kepha isize ne-Al Ahly ukuba nayo iwelele ngaphesheya.
IPirates ne-Al Ahly asebekwi-quarterfinal, sebezobhekana kozocacisa ngozoqeda eqhwakele kuleli qoqo ozoba seCairo, e-Egypt ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Bekunzima ukuthi leli qembu lase-Algeria ukushayele e-Orlando iPirates kwazise yiStellenbosch FC kuseyiyona kuphela esaphumelele ukwenza lokhu kule sizini emdlalweni weBetway Premiership.
Emuva kokuhlasela kuphindelela kwePirates, uMofokeng ushaye igoli ngomzuzu ka-20 kulandela ishodi likaTshegofatso Mabasa unozinti wezivakashi aliphebeze labuyela enkundleni.
Kucishe kwayibhedela iPirates ngomzuzu ka-27 kodwa ubuhlakani bukaSipho Chaine ezintini bayisindisa. Kuze kwayiwa ekhefini kulokhu kuyiPirates ezama ukwandisa isibalo samagoli.
Esiwombeni sesibili, womabili amaqembu alikhuphulile izinga namabhentshi aqala anyakazisa abadlali ngenhloso yokushintsha izinto.
Ngomzuzu ka–61, uMbatha ukhulule iPirates ngenguzunga yeshodi alishaye phakathi basala bebukana abadlali beBelouizdad.
Nangempela ziqalile ukwenzeka izinguquko zinhlangothi zombili ngemuva kokungena kwaleli goli elenze ukuthi iPirates idlale ngokukhululeka.
Abadlali uThabiso Libitso, Paseka Mako no-Evidence Makgopa bathole ithuba kuphunyuzwa uMabasa, Mohau Nkota noMofokeng ukubala abambalwa.
Imizuzu yokugcina idliwe yilezo zinguquko. Yize iminyakazo yezivakashi ibingethusi kodwa zigcine zilitholile igoli lokubika ekhaya ngemizuzu yokugcina.
Emdlalweni ka-Group B weCaf Confederation odlalwe eLoftus Versveld, ePitoli, iStellenbosch izifake kuma-quarterfinal emuva kokwehlula ngo 2-0 iStade Mallien yaseMali. Kowokusonga iqoqo ngempelasonto ezayo, iStellies izodlala neRS Berkane yaseMorocco engeke isagudluka esicongweni.