UKUDIDIYELWA eqoqweni elilodwa kweMamelodi Sundowns neWydad Athletic kugcwalise isisho sikaZola 7, ecwecweni lakhe elithi “Umdlwembe” lapho ethi khona impi yamadoda ayipheli.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala esigabeni samaqoqo azodlala kwiCaf Champions League, emcimbini obuse-Ritz Carlton, Cairo, eGibhithe ngoLwesithathu ntambama.
URoger Feutmba, ongomunye wabadlali owashiya umsizilo kwiSundowns ngasekupheleni yawo 90, uthe iqembu alibona lingaba yingozi kwiSundowns yiyo iWydad Athletic yaseCasablanca, eMorocco.
Leli qembu yilona elakhipha Amasandawana kuma-quarterfinal nyakenye, lagcina ngokuqukula indebe. Nakuba umqeqeshi weSundowns engayibeki ngembaba eyokuziphindesela kodwa kuyaziwa ukuthi ezimeni ezinjena impi yamadoda ayipheli.
“Emaqenjini azodlala neSundowns kwiGroup C iWydad Casablanca ngiyibona ingaba yingozi enkulu. Isizathu esingenza ngisho njalo wukuthi badlala kwiligi esezingeni eliphezulu eMorocco. Okunye wukuthi bayiqembu eselinamava okudlala kulo mqhudelwano. Noma kunjalo kodwa neSundowns inalo ithuba lokuqhubeka kulo mqhudelwano uma izodlala ngokuzimisela.
“Ukungaziwa kakhulu kwalawa amanye amaqembu iHoraya ne-AS Sport kungabaphazamisa uma bewathatha kancane. Okumele bakuqaphele wukuthi wonke amaqembu afinyelela kule sigaba kusuke kungamaqembu adlala kahle ngakho kubalulekile ukuthi bangawathathi kancane. Uma bekwazile ukuhlala beqwashile ungekho umdlalo abawuthatha kancane angingabazi ukuthi bangahamba ibanga elide kulo mqhudelwano ngoba badlala ibhola elihle kakhulu,” kusho uFeutmba.
Umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane, akathandanga ukuphumela obala ngokunqwamana kwabo neWydad eyabakhipha kabuhlungu emdlalweni wama-quarter final nyakenye.
“Siqhathwe kahle. Ngeke ulindele okungaphansi noma ngaphezulu kwalokhu.
“Yisigaba samaqembu awu-16 ngakho wamukela noma yini oyitholayo.”
Mayelana nomdlalo wabo neWydad uthe bobabili bayazana enkundleni.
“Sabashaya ekhaya ngo 1-0 nabo basishaya ngendlela efanayo enkundleni yabo, base besikhipha sekukhahlelwa amaphenathi nokwagcina ngokuthi babe ngompetha bomqhudelwano.
“Ngakho womabili amaqembu afuna ukubona ukuthi ngubani ongcono kunomunye.
“Bangompetha balo mqhudelwano bango 2017, ngakho kuzonikeza umdlandla ukudlala nabo,” kusho uMosimane.
Mayelana neHoroya (yaseGuinea) iyiqembu elidlala ibhola elihle elithunga iminyakazo nokunikezelana ngebhola ngendlela eseqophelweni eliphezulu.
Bayiqembu elidlala kahle elinobuchule kanti bagabe nangabadlali abasezingeni eliphezulu.
Iqembu esingenalo ulwazi lwalo olungako yi-AS Port (yaseTogo), ngakho kusadingeka ukuthi senze uphenyo olunzulu ngayo,” kusho uMosimane ngemuva kokuqhathwa.
Amanye amaqembu aseNingizimu Afrika okubhekeke ukuthi avikele isithunzi saleli zwe yiSuperSport United neBidvest Wits eyehliselwe kwiConfederation Cup ngemuva kokuhlulwa yiDe Agosto, yase-Uganda, kwiChampions League.
Amatsatsantsa azodlala neGor Mahia FC, yaseKenya enkundleni esazomenyezela ngo-Ephreli 6, besekuthi iClever Boys ibambane ne-Enyimba ngosuku olulandelayo. Kuyona yomibili le midlalo izinkundla okuzodlalelwa kuzona azikaqinisekiswa.